UKHATHAZEKILE ngokuthi angangenelwa yizigebengu owesifazane waseMlaza esigcemeni kwaC, umuzi wakhe owashayiswa yimoto kwadilika ingxenye yawo ngoFebhuwari nonyaka.
Umuzi kaNkk Pinky Hlela, usale unembobo enkulu endlini yokuphumula selokhu kwenzeka lesi sigameko ngoFebhuwari 9 nonyaka.
Akasakwazi nokuya edolobheni ngoba esaba ukuthi izigebengu zizongena endlini zizenzele umathanda.
UNkk Hlela uthe wayengekho ekhaya ngesikhathi iveni ishayisa uthango olubiyele umuzi yadlula lapho yabhodloza indlu.
“Ngikhathazekile ngokuphepha kwami ngoba indlu isale ivulekile selokhu kwangena iveni.
“Ngesikhathi sengozi abemoto babethembise ukuthi bazongilungisela indlu yami kodwa lokho akukaze kwenzeke.
“Ngiyesaba ukuthi izigebengu zizongena zizenzele ngoba ngiwumuntu ohlala yedwa,” kusho uNkk Hlela.
Uthe okumkhathazayo wukuthi necala alikaze lilandelwe ngendlela ngamaphoyisa njengoba kungekho mbiko awutholayo wokuthi uyashushiswa ngokomthetho umshayeli owabhidliza indlu yakhe.
“Ngenze konke ukuzama ukuthola ukuthi kwenzekalani ngecala elavulwa kodwa azikho izimpendulo engizitholayo,” kusho uNkk Hlela.
Uthe usebize unjiniyela ohlole umonakalo emzini wakhe.
“Onjiniyela bathi kwadaleka umonakalo ongabiza uR110 000 ukuwulungisa, ukuze indlu ibuyele esimeni.
“Ingxenye yayo kumele idilizwe, kwakhiwe kabusha, bese kulungiswa nezinye izinto ngaphakathi.
“Angisebenzi ngakho anginayo imali ukuze ngikwazi ukulungisa le ndlu.
“Umyeni wami washona ngo-2004 wangishiya nomuzi, anginabo abantwana, ngingedwa nje,” kusho uNkk Hlela.
Ngaphandle kokungaphephi kukaNkk Hlela ngenxa yobugebengu kodwa kuyingozi ukuhlala kuyo ngoba ingaqala ukudilika lapho yashayeka khona noma inini.
Ngesikhathi ishayeka, kukhona nezinye izingxenye zendlu ezanyakaziseka nokwenza kube ingozi ukuqhubeka kuhlalwe kuyo.
UNkk Hlela uthe angamukela noma yiluphi usizo lokuthi kulunge indlu yakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe basalibheka icala elavulwa ngesikhathi kunale ngozi njengoba belingatholakali emabhukwini amaphoyisa aseMlaza.
Isolezwe belithole ukuthi omunye owayephakathi kule
veni wagcina ngokushona esibhedlela.