KUTHIWA isifudukele eBhamshela, eNdwedwe, eminye yemigulukudu yeqembu le-West, elidume ngokuchitha igazi eNanda, eThekwini.
Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa ophiko lwe-NIU, athele othulini ubhongoza (22) waleli qembu ngoLwesine, obese kunesikhathi emfuna uthuli.
I-West okuthiwa inamalungu angaphezu kuka-200 ayintsha, ibhubhisile ngobugebengu obunendlakadla eNanda, Ntuzuma naKwaMashu.
Phakathi kobugebengu amalungu ayo asolwa ngabo, obokubulala abantu, ukudlwengula nokubamba inkunzi.
Umthombo weSolezwe uthe mane amalungu aleli qembu atheleke eBhamshela ngoMgqibelo.
“Kuwona kukhona elilodwa esilaziyo ngoba lingelokuzalwa endaweni. Lifike nabanye abathathu esingabazi babulala umuntu wendawo ngeSonto,” kusho umthombo.
Uthe umufi bamhlasele emgwaqweni, bamfuna isibhamu abengenaso.
Uqhube wathi umphakathi unikele kubo kamsolwa wendawo njengoba bekukhona abambonile kubulawa umuntu.
“Kuthiwa uvele wawutshela emehlweni umphakathi ukuthi uzongena endlini aphume nesibhamu. Kuvele kwahlakazeka inqwaba,” kusho umthombo.
Udalule ukuthi lo msolwa, wayehambe endaweni, ebulale umuntu.
Uthe umphakathi ukhathazekile ngokubuya kwakhe neminye imigulukudu engaziwa.
Ngokuthola kweSolezwe, le migulukudu isenezinsukwana ifikile kule ndawo kodwa isiqalile ukuhlalisa lubhojozi umphakathi.
Ubhongoza, okuvela ukuthi ungowokuzalwa eNanda, eNewtown C, uyamaniswa noxhaxha lwamacala abucayi, okukhona kuwo nangu-10 okubulala.
Phakathi kwawo kuthiwa kukhona ayisihlanu okubulala ebebelwa nobugebengu. Kubona kukhona nowayeyilungu leNtuzuma Neighbourhood Watch, uMnuz Mzwandile Mbambo (6O) okuthiwa wambulala ngoJuni nyakenye. UMbambo wadutshulwa ebuka ithelevishini nomndeni wakhe. Emva kwesigameko, kuthiwa ubhongoza wayede ebonakala epake imoto ngaphandle kwakaMbambo.
Usinde ezigamekweni eziningi zokudubulana namaphoyisa, ezenzeke eminyakeni emibili edlule, lapho obekugcina kufa ozakwabo, yena aphunyuke. Phakathi kwazo kukhona esaKwaBester, eZintombini, lapho okwafa khona ozakwabo abayisithupha, betholene phezulu namaphoyisa, umphakathi wajabula uzitshela ukuthi naye ubulewe kanti ubalekile.