Izindaba

Uvalo emphakathini kuhlahlelwa ikhehla

sabelo mbatha|Published

UMNUZ Mandlenkosi Nzuza waseMtubatuba obulawe ngokugencwa

Image: SITHUNYELWE

KUKHULU ukukhathazeka kwabakhele uMasipala Inkosi uMtubatuba kulandela izigameko zokubulawa kwasebekhulile kule ndawo. Kwesakamuva nje, kutholwe isidumbu sikaMnuz Mandlenkosi Nzuza waseDukuduku, KwaNdonyana, iminyaka yakhe elinganiselwa ngaphezu kwengu-60, sinamanxeba okugencwa ehlathini eliseduze kwedamu laseSt Lucia. Kuthiwa isidumbu ebesilimele kakhulu sitholwe abantu abebedlula ngendlela ngoLwesibili ekuseni base behlaba umkhosi. Kanti kusolwa ukuthi ubulawe ngayizolo.

Lesi sigameko silandela esinye esenzeke ngoFebhuwari kulo nyaka eMfekayi lapho kwatholwa isidumbu sikaNkk Nelisiwe Madolofiya Bukhosini (94) endlini engahlali muntu futhi engenalo uphahla. Kuthiwa kwabonakala kusha umuzi kamufi owayehlala yedwa nokwaba yindida ukungatholakali kwakhe endlini eyayisha kwazise wayehlala kuyo. Isidumbu sakhe sathola kwenye indlu kanti izihlobo zisola ukuthi wahudulwa wayofakwa kuyo.

Okunye okwazimangaza ukutholakala kukamufi elele ebheke phezulu ikhanda libheke ngasemnyango kwase kuvalwa isicabha sendlu. Zithi zisola ukuthi umenzi wobubi washisa indlu ukudidisa umkhondo. Okhulumela lo masipala, uMnuz Khulekani Msweli, uthe sezandile izigameko zokubulawa kwezaguga kule ndawo.

Uthe emasontweni amathathu edlule kubulawe ikhehla lakwaSibiya ngokugwazwa ngesikele umzukulu walo. UMsweli uthe umasipala unazo izinhlelo zokufundisa umphakathi ngokuphathwa kwabantu abadala.

"Angazi noma yishwa yini ngoba ngoLwesibili okutholwe ngalo isidumbu sikaNzuza besinomkhankaso wokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabantu asebekhulile sihambisana nenhlangano engenzi inzuzo, i-Age in Action, kanti ntambama ngalolo suku sizothola umbiko ngalesi sigameko," kusho uMsweli.

Ngesikhathi imeya kalo masipala, uMnuz Mxolisi Mthethwa, ihambele umndeni wakwaNzuza kuleli sonto ikhuze isihlava sokubulawa kwabantu abadala. Inxuse abezomthetho ukuba baqinise uphenyo zitholakale izigilamkhuba ukuze umndeni nomphakathi bakwazi ukuhlala ngokuthula.

Inhloso yokuyovela kulo mndeni bekuwukuyowukhalisa, kubukwe isimo nokuzwa ukuthi umasipala ungalekelela kanjani kwazise umufi ushiye indodana eneminyaka engu-30. Kuyaqapheleka ukuthi ukubulawa kwezaguga akwandile kuphela ezindaweni zasemakhaya nasemadolobheni amakhulu ziyabikwa. Emasontweni edlule kugwazwe kwafa isalukazi esilinganiselwa eminyakeni engu-80 kwathi indodakazi (60) yaso yalima ngesikhathi bengenelwa ekhaya labo ePhoenix, eThekwini.