AKAZANGE ayinuke ibheyili ngoLwesihlanu unesi wesilisa obhekene necala lokudlwengula umfundi (17) wentombazane ngoMsombuluko, emtholampilo eHlengisizwe eHammersdale. Ubevele eNkantolo yeMantshi kule ndawo.
Amalungu omphakathi avukele khona ayogxoba itoyitoyi, ephelezele umndeni kamgilwa. Unina womfundi uthe ukunqatshelwa ibheyile kwalo msebenzi wezempilo kubajabulise kakhulu.
"Angazi ukuthi kuzokwenzekani kodwa ngizwa nginethemba ngoba kukhona nomuntu wesifazane oshushisa kuleli cala. Sihlalile ngoba silinde ukuzwa indaba yebheyili. Ngenhlanhla akayinikwanga uzophinda avele ngoMeyi 27. Kungcono khona engayitholanga ukuze kungaphazamiseki nophenyo. Kunzima khona, akuvumi ngisho ngidle,"kusho unina kamgilwa.
Ilungu lomphakathi elihlala kule ndawo liveze ukuthi kabaneme neze ngalo nesi ngoba sekuvele nokuthi akaqali ukubhekana nezinsolo zalolu hlobo, kuke kwenzeka komunye umtholampilo. "Umphakathi udiniwe ufuna nomnyango ubheke zonke izinsolo ezivela ngalo nesi. Ukhombise nokudelela ngale nto ayenze endaweni ebaluleke kangaka. Siyafisa kulokhu kwenzeke ubulungiswa, kungafani nalo mndeni osakhala namanje ngecala elingazange liye phambili,"kusho ilungu lomphakathi.
Lo mfundi udlwengulwe unina noyise bekhona emtholampilo. Uyise usale emotweni, unina wangena naye ngaphakathi. Kuvela ukuthi unesi utshele unina kamgilwa ukuthi makaphume egumbini okuyilapho unesi ethole khona ithuba lokukhiyela umfundi, wamdlwengula.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa uthe bashaqekile futhi bayaphoxeka bewumnyango ukuzwa ngalezi zinsolo. "Izikhungo zezempilo ziyindawo umphakathi othembele kuzo uma udinga usizo. Yilapho abantu abagulayo belashwa khona basinde ezifweni. Lena kakuyona neze indawo yokufukamela abenzi bobubi, abenza izisulu abantu abazocela usizo. Ngakho sizimisele ngokuqhubeka nokubambisana nabomthetho, umenzi wobubi ashushiswe ngokugcwele,"kusho uMaphisa.