IGQEMEKE engeqiwa ntwala i-NFP ngokulaxazwa iphini likaMengameli wayo elikhale ngokungaphathwa ngendlela kweqembu.
UNkk Sindi Maphumulo Mashinini umemezele izolo ntambama kuFacebook ukuthi useyavalelisa kuNFP ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili eyisebenzela.
Ethintwa Isolezwe uthe akukho abengakwenza kodwa uphoqekile ukuba ayishiye i-NFP.
“Leli qembu ngilisebenzele ngakho konke enginakho ngisho nangezimali zomuzi wami. Bengisebenzisa nezimoto zami ngizifakela uphethroli ngiphinde ngizilungisele. Akugcini lapho esifundazweni iMpumalanga iNFP ngiyifakele amakhansela amahlanu kusuka ngo-2011 ngisebenzile ngobuqotho. Nokho ngibongile ngoba akekho noyedwa obejabulela ebengibenzela khona. Okunye ngike ngakhala ngendaba yokuvunyelwa kukaMnuz Canaan Mdletshe nendodana kaMengameli uZanele kaMagwaza Msibi ukuba bathamele imihlangano yesigungu esiphezulu. Bengivele ngitshelwe ukuthi uMdletshe uzoba yiso nezindlebe zikaMengameli
"Bengibuza ukuthi uma kunjalo yini angangeni ephalamende amphelezele ukuze sibone ukuthi uyizindlebe zakhe. Nendodana yakhe uMelusi ngasho ngathi uma beziphatha kanje balimaza umlando omuhle kamama wabo,” kusho uNkk Maphumulo Mashinini.
Uthe nakuba eyishiya i-NFP kodwa akanankinga noKaMagwaza-Msibi ngoba abantu abayinkinga abasondelene naye.
Ngonyaka odlule uNkk Maphumulo Mashinini ufake iqembu enkantolo efuna ukaMagwaza-Msibi anekele inkantolo ukuthi ngabe uyakwazi yini ukubhala nokukhuluma.
Wayekwenza lokhu ngoba engakholwa ukuthi izinqumo okwakuthiwa zivela kuye zokuhlakaza isigungu esiphezulu kwakungezakhe.
Uthe usamhlonipha namanje futhi ufunde lukhulu kuye kusuka beseku-IFP.
Uveze ukuthi kumanje i-NFP imkweleta imali engaphezulu kuka-R200 000, abekhokhela ngayo amahhovisi nezisebenzi.
Okhulumela ukaMagwaza-Msibi, uMnuz Cannaan Mdletshe, uthe bashaqekile ngokuthola ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uNkk Maphumulo Mashinini usebashiyile.
Uthe akudikizi ngisho inqulu ngokuhamba kwakhe.