ABADINGISIWE beboshiwe futhi begobile befika e-El Salvador ejele, beqhamuka e-USA
Image: El Salvador Presidency/ Getty Images
UMENGAMELI wase-United States of America (USA), uDonald Trump kanye nephini lakhe lababhali nabaGcini Mabhuku, bakhiphe isinqumo sokuthumela imigulukudu yezinswelaboya eyingozi kakhulu ezweni lwayo ephinde ibe amalungu e-Gang. Le migulukudu ithunyelwe ejele i-El Salvador.
Iqembu lezigebungu eziwu-17 elisolwa namalungu ezigebengu adabuka eVenuzuela lindizisiwe ngenqolamoya ebusuku ngeSonto, unguNobhala-Jikelele wase-USA, uMnuz Marco Rubio uphawule kanje: "Lezi yizigebengu ezinodlame eziphuma kwinhlangano iTren de Aragua neMS-13, kubalwa ababulali nabadlwenguli."
URubio akazange anikeze amagama abantu abasusiwe ezweni. Akashongo nokuthi balahlwe amacala obugebengu e-U.S.
UMengameli wase-El Salvador, uNayib Bukele, enkundleni yokuxhumana eyaziwa ngelika X, ufake i-video evezayo indiza ifika ezweni lakhe ngeSonto.
Ube esekhuluma ethi: “Bonke laba abalana kuqinisekisiwe ukuba bangababulali abanye badume kabi kwezobugebengu, bese kuba khona abayisithupha okungabadlwenguli bezingane”.
Levidiyo iveza lelidlanzana lisuswa kwiqolamoya lifakwa emabhasini. Bathathwa bayiswa kwelinye lama jele elinokwezokuphepha okuphezulu kakhulu, emakhanda bebephucile base bavalelwa .
Isikhathi sesibili lesi uTrump nephini lakhe beletha abasolwa bezigebengu e-El Salvador. Ekuqaleni kwale nyanga, abangaphezu kwa-240 balethwa kulo leli jele elinesandla esiqinile.
Ukuxoshwa nokudingiswa kwalaba kubhekane nobunzima ngenxa yokuba konke lokhu kwenzeke ngaphansi komthetho obizwa nge- Alien Enemies Act.
Isifunda sejaji laseMelika uJames E. Boasberg ugweme ukuxoshwa ngaphansi komthetho waphinde wabandakanya iphini lika Trump ngokungalaleli isiqumo sakhe. Esontweni elidlule iphini like Mongameli uTrump licele iNkantolo enkulu ukuba ithathe lelicala.
Abezindaba zase Melika babuze iphini lika mongameli ukuba iliphi igunya nendlela esetshenziswayo ukuba leziziboshwa zisuswe ezweni. Umnyango Wezokuvikela eMelika uhlulekile ukuchaza.
Umnyango wezokuvikela uqede umsebenzi ophumelelayo wobushokobezi kule mpelasonto, ngokubambisana ne El Salvador.
“Sincoma izenzo zezimpi zethu abasebenzi balimaze izinhlangano zabashokobezi zakwamaphekula ngaphansi kobuholi bukamongameli uTrump”, isitatimende esivela eMnyangweni wezokuvikela, umphathi oyinhloko kwezokuvikela uJoe Kapser.
Ngempelasonto edlule ngoLwesithathu, 23 ku-Mashi, unobhala Wezokuphepha Kwasekhaya wase-US, uKristi Noem, uvakashele leli jele elise El Salvador waqopha ividiyo ekhuluma, ngemuva kwakhe kubonakala iziboshwa.
Kwividiyo ukhulume kanje "Uma uza ezweni lethu ngokungemuthetho, lesi isona siphetho ozobhekana naso, okokuqala ungezi ezweni lethu ngoba uzosuswa uphinde ushushiswe lesi isikhungo singesinye yamathuluzi esizowasebenzisa uma wenza ubugebengu kubantu baseMelika".
Isolezwe