OWESIFAZANE othi wayeyisinqandamathe sikaDonald Trump, uStormy Daniels, uthi lo mengameli wase-United States ushaya udaka kwinkonzo yasekamelweni.
UStormy, ozakhele udumo ngamafilimu ocansi eMelika, udalule lokhu encwadini ekhuluma ngempilo yakhe lapho aveze khona nokuthi kubo bonke abantu aseke aya ocansini nabo, uTrump uyena ofathuze ukubadlula bonke.
Uthe uTrump nokho ubengakugqizi qakala yena lokho njengoba ephikisana nombono wakhe ezibona eyinkunzi embhedeni.
UStormy Daniles odume ngamafilimu ocansi eMelika usola umengameli Donald Trump ngokushaya udaka kwinkonzo yasekamelweni. Isithombe: AP Photo/Craig Ruttle
Lo wesifazane oneminyaka engu-39 uqhube wadelela umphambili kaTrump ewufanisa nokapopayi.
“Uyena owangicoba kunabo bonke abanye esengike ngalala nabo kodwa kwangicacela ukuthi yena wayengakuboni lokho,” kusho uStormy encwadini yakhe iFull Disclosure.
Uthe walala noTrump ngesikhathi osaziwayo baseMelika bedlala igalofu eLake Tahoe, eCalifornia ngonyaka ka 2006. Encwadini uphinde athi kwakumufakela amahloni ukubona uTrump njalo kwithelevishini njengoba kwakumbuyisela umcabango wokuthi sebeke balala ndawonye.
UTrump uyakuchitha ukuthi useke walala nalo wesifazane.