UTrump uphenduke incelebane yeqeqebane lamaJuda wajivaza elaseMzansi
Image: AFP
EMHLANGANWENI obuphakathi kukaMengameli uCyril Ramaphosa noMengameli uDonald Trump kuzwakele ukuthi imibuzo ebibuzwa nguTrump ibinenhlese yezimvo kanye nezimfuno zeqeqebana eleseka amaJuda.
Kucace bha ukuthi imibuzo ibihlose ukujivaza iNingizimu Afrika ngesenzo sayo sokumangalela elaKwa-Israel eNkantolo yezoBulungiswa yaMazwe Omhlaba. Kuqaphelekile ukuthi okaTrump ubegxile kakhulu ekusebenziseni igama lokubhuqwabhuqwa kwabantu ngesikhathi egxeka iNingizimu Afrika ngokuhlukunyezwa nokubulawa kwabalimi abamhlophe.
Kuzokhumbuleka ukuthi nayo iNingizimu Afrika yamangalela elaKwa-Israel ngaso belu isigameko sokubulawa kwabantu abaningi abayizakhamuzi zaseGaza, ePalestine, Maphakathi neMpumalanga. Njengalokhu ngingusomlando, ngiyafisa ukuveza isithombe sokuthi akufihliwe ukuthi elaKwa-Israel aliyifuni nalapho ihambe khona iNingizimu Afrika.
Ukusetshenziswa kwegama lokubhuqwabhuqwa kwabantu kwalilimaza kakhulu elaKwa-Israel ngokomqondo, lokhu ngikusho ngoba isibhicongo sokubulawa kwamaJuda ebulawa ngamasosha amaJalimane ayeholwa nguu-Adolf Hitler ngesikhathi sempi yesibili, akugcinanga nje ngokuwahlukumeza amaJuda kepha mkhulu umonakalo owenzeka ezingqondweni zawo. Yingakho-ke isenzo seNingizimu Afrika sokumangelela amaJuda ngokubulawa kwabantu eGaza sidale enkulu intukuthelo nenzondo.
Enkulumweni kaMengameli Trump bekuzwakala ukuthi uyafisa kubukeke sengathi kubulewe izigidigidi zabalimi kodwa iqiniso lithi kazikho lezo zigidigidi zabalimi ababulewe. Asikuvume ukuthi bakhona abalimi ababulewe kodwa asikwazi ukwamukela ihaba likaMengameli Trump, ehubhuza aluhlaza, ebiza ukubulawa kwalelo dlanzana labalimi ngesibhicongo sokubulawa kwabalimi.
Uma singasebenzisa ulimi lwesimanje, inkulumo kaTrump kade iwukuziphindiselela kwezwe laKwa-Israel kwelaseNingizimu Afrika lisebenzisa uMengameli Donald Trump ongunontandakubukwa.
Izingxoxo zakamuva maqondana nobudlelwano bezwe laseMelika (US) kanye nelaKwa-Israel, ingxabano ekhona phakathi kwabaKwa-Israel kanye namaPalestina, ipolitiki yamazwe aMaphakathi neMpumalanga okungavamile ukuthi uma kukhulunywa ngayo, ingaphathwa indaba yeqeqebana lamaMelikana eseka ama-Israeli. Labo abayiqeqebana eleseka u-Israel bajwayele ukugxekwa ngokweseka nokugqugquzela udlame olubhekiswe kumaPalestine nabaseLebanoni, ngokungafuni kweMelika ukucindezela kumbe ukugxeka elaKwa-Israel kanye nangokungenisa kwe-Iraq ngokunjalo nokwesatshiswa kwakamuva kwezwe lase-Iran.
Sekukhona neqoqo lezimboni zezokuxhumana ezivundulula zibike ngezenzo zenkohlakalo ezenziwa yiqeqebana eleseka elaKwa-Israel.
Okuphawulekile ngesithangami somhlangano wezindaba phakathi kukaMengameli Trump kanye noMengameli Ramaphosa udaba obelicathama ngemuva kwezingxoxo luxoxwa kodwa lungaphathwa ngegama.
Lapha ngikhuluma ngodaba olumayelana nezwe lamaJuda, iIsrael. Sekungumlando ukuthi kuwowonke amazwe omhlaba, yizwe laseNingizimu Afrika kuphela elingagcinanga kuphela ngokuphumela obala ukugxeka isibhicongo sokubulawa kwamaPalestinians eGaza, ebulawa izwe yi-Israel, elakuleli laphinde lathatha igxathu lokumangalela izwe laKwa Israel ngokubulala ngesibhicongo abantu baseGaza.
Iqiniso lithi ukulimala kobudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika kanye neMelika, ukuqedwa koxhaso iMelika ebelinikeza iNingizimu Afrika, konke lokho umsusa wakho ukuphumela obala kwezwe lase-Afrika ekugxekeni izwe laKwa-Israel, iphinde futhi ilibophise kwinkantolo yomhlaba yobulingiswa.
Uma ikhona into eyenza i-Israel iyizonde iNingizimu Afrika kakhulu, yisenzo selakuleli sokusebenzisa igama ukubhuqwabhuqwa kwabantu (genocide) maqondana nokubulawa ngesihluku esingachazeki kwabantu baseGaza, bebulawa ngamasosha aKwa-Israel.
Igama elithi ukubhuqwabhuqwa kwabantu (genocide) livusa uhlevana kumaJuda wonke ngoba amaJuda ayizisulu zokubhuqwabhuqwa kwawo u-Adolf Hitler owayengumholi waseJalimane ngesikhathi yempi yesibili. Alinganiselwa ezigidini eziyisithupha amaJuda abulawa yiqembu lamaNazi elaliholwa uHitler.
Nanamhlanje isosha lamaNazi elitholakayo noma ngabe lineminyaka eyikhulu, liyaboshwa lijeziswe. Okudidayo ukuthi i-Israel kufanele kube ngabe yiyo egqugquzela ukuthula ngoba ikuqonda kangcono ubuhlungu bokubulawa ngohlelo lokubhuqwabhuqwa kwabantu.
Iqiniso lithi kuwukucasha ngomunwe okwenziwa iMelika ukuthi ithi iNingizimu Afrika nayo ibhuqabhuqa abalimi bamaBhunu. Empeleni uma umuntu ecabanga ngokujula, izwe i-Israel elisho njalo, likusho ngaleqeqebana elibizwa ngesiNgisi ukuthi i-pro-Israel lobby noma i-pro-Jewish lobby.
Iqiniso lithi ukulimala kobudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika kanye neMelika, ukuqeda uxhaso kanye nokunye, konke lokho kuqonde ukujezisa iNingizimu Afrika ngokumangalela i-Israel ngokubulala amaPalestine.
Ake senze izibalo. Kusukela ngo-Okthoba, ngonyaka odlule, kuze kube manje, i-Israel isibulale abantu baseGaza abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha. Abalimi bamaBhunu ababulawe kusukela ngo-Okthoba, kuze kube manje inombolo yabo ayidluli ngisho ku-500.
Angifisi ukuzwakala kabi. Angisho ukuthi kuyancomeka ukuthi zincane izibalo zokufa kwamaBhunu. Cha. Ngihlose ukuveza isithombe sokuthi le genocide yokubulawa kwamaBhunu into engekho. Ngamafuphi, nina beSilo, empeleni thina sishaywa yi-Israel. Iyaziphindisela kithi.
Ngiyafisa ukuphetha ngokuthi ngiphawule ngokubonakala kwethimba ebelihamba noMengameli Ramaphosa liphephula ngaphambi kukaTrump. Ukube uTrump abengumuntu omnyama, ubungafunga ukuthi uwudle umuthi wawuqeda elungiselela umhlangano wakhe noMengameli waseNingizimu Afrika.
Kusize khona ukuthi ngokwendalo uMengameli Ramaphosa insizwa enomoya ophansi. Nayo zibe khona izikhathi lapho ububona khona ukuthi kungathi iyamesaba uTrump. Angazi bese kwenzenjani uRamaphosa ekhumbula ukuthi kufanele abonge uTrump ngama- respirator uTrump awahlinzekela iNingizimu Afrika ngesikhathi segciwane iCovid-19. Ukuthi mhlawumbe uvalo olukhumbuze uRamaphosa ukuthi abonge uTrump noma isithunzi sikaTrump, ngeke sazi, hleze ibibagcabele, yagquma, yaphinde yaphalaza ekaTrump. Angikaze mina ngibone amanye amadoda, omengameli uqobo betatazela kangaka uma behlangene noTrump.
Le nto engiyichazayo ingazwakala iyihlaya kodwa iqiniso lithi amadoda akwaZulu awayihambeli imicimbi noma imihlangano ebucayi efana nalona obuphakathi kukaRamaphosa noTrump elula, ephephuka, engagqumile, engagcobisanga ngovaselini kaShembe.
Dkt Vusi Shongwe
EMGUNGUNDLOVU
Related Topics: