ISIHLABANI somculo we-hip hop futhi esingumzukulu kaNdunankulu kaZulu nomholi we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi, sithi kuyakhulunywa ngokubandlululwa kwabantu ngokwebala kodwa akushiwo lutho uma kukhona ababandlululwa ngokobulili.
UNontokozo ‘Toya Delazy’ Buthelezi uthe kufanele kube yicala ukubandlulula ngokobulili nangokobuhlanga.
“Sihlale sikhala ngababandlulula ngokwebala futhi lokho kukhulunywa ngakho masonto onke.
“Uma sekungababandlululwa ngokobulili bayaqhubeka basihlasele, ngakho ngithe angingafeli ngaphakathi, angikhulume ngalokhu.”
UToya Delazy uthe kuqala kwakumphatha kabi ukugxekwa ngobulili bakhe, kwaze kwafika lapho engasakuvumeli khona.
Lo mculi oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngengoma ayiqophe e-UK esihloko sithi London Town, usanda kugxekwa ngokugqoka ibheshu ekubeni engumuntu wesifazane.
Lo mculi watheleka emcimbini wokugubha iminyaka engu-90 kwazalwa umkhulu wakhe evunule ephelele.
Eziphendulela kulokhu kugxekwa, uToya Delazy, osegobe amadlangala eLondon, uthe wayefuna ukuswenka ngempahla yokugqoka ezomenza aziqhenye ngamagugu akuleli.
“Angikaze ngakujabulela ukuveza amabele esidlangalaleni. Senginesikhathi ngagcina ukubhinca imvunulo yesintu.
“Ngakho ngathatha isinqumo, ngenxa yokuthi umkhulu wayeqeda iminyaka engu-90, sokuba ngizame ukuhlanganisa impahla ezongimela kahle.
"Ngiyazi maningi amantombazane amnyama afana nami, futhi akusiye uwonke wonke obona njengami noma ubulili obufanayo.”
Ngemuva kokusabalala kwe-video yalo mcimbi ezinkundleni zokuxhumana, omunye wabhala kuTwitter esola uNdunankulu kaZulu ngokuhluleka ukufundisa umzukulu wakhe indlela yokuziphatha.
UToya Delazy waziphendulela ngokuthi lo mbhali waba ngundlovukayiphikiswa.
“Wathuka mina nomkhulu wami. Ngicabanga ukuthi akwemukelekile ngoba ungamhlulela kanjani umkhulu ngempahla engiyigqokile futhi nezinto ayezisho zazingamampunge.”
Kwenzeka lokhu nje umucu wakhe omusha othi London Town ulele isithathu kumashadi omculo ase-UK.
Uthe kumjabulise kakhulu ngoba kukhombise ukuthi useyakhonya naye eLondon futhi wagqugquzela abaculi besifazane ukuba bangaliphonsi ithawula kodwa basebenze ngokuzikhandla ukuze bagcine bevelele nabo.