UKHALA ngezinga eliphansi lokuzinikela alibona kubadlali bakhe umqeqeshi weSuperSport United, u-Eric Tinkler.
Iqembu likaTinkler lidlala imidlalo yokukhava
kwi-Absa Premiership ngemuva kokuyibamba lize lifike kowamanqamu weCAF Confederation Cup lapho lihlulwe khona yiTP Mazembe yaseDemocratic Repulic of Congo.
Ngempelasonto i-United ibuye ngemizuzu yokugcina ithola igoli lokulinganisa elize no-Ezubuike Egwuekwe yagcina yabelane ngamaphuzu neCape Town City kuba ngu 1-1 emdlalweni obuseMbombela Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Lona bekuwumdlalo wesithathu waMatsatsantsa kusukela eshaywe yiMazembe. Kowokuqala ahlule i-Ajax Cape Town ngo 1-0, abambana ngo 0-0 ne-Orlando Pirates emdlalweni womabili amaqembu alahle inqwaba yamathuba.
KowangoMgqibelo iCape Town City ibingathola amanye amagoli ngaphandle kwaleli elishaywe ngu-Aubrey Ngoma. I-United iwatholile nayo amathuba esiwombeni sokuqala kodwa yadlala ngomsebenzi.
Leli qembu lasePitoli elingaba yingozi esicocweni seligi uma linganqoba imidlalo elisalele ngayo emuva, selineyisishiyagalombili laqoqa amaphuzu angu-15.
“Besilandela ngemuva emdlalweni, yingakho kudingeke ukuthi sidlale amabhola amade okusilethele umvuzo ekugcineni. Besifana nabangekho enkundleni namuhla,” kuphawula uTinkler kwiSS4 ngemuva komdlalo.
Lo mqeqeshi iqembu lakhe elisahlulwe kanye kwiligi, uthe abadlali bakhe kumele banyuse amasokisi emidlalweni ezayo. Kusasa i-United izovakashela iFree State Stars eGoble Park ngo-7.30 ebusuku. Lo mdlalo uzolandelwa oweBaroka ngeSonto ngo-3.30 ePeter Mokaba Stadium, bese bevala unyaka neBloemfontein Celtic ekuhambeni ngoDisemba 20.
“Ngibatshelile abadlali ukuthi akumele sithathe izinto kancane. Kumele babonakale ukuthi bakhona emidlalweni. Kungenzeka ukuthi kubukeka kukuhle uma ubheka amaphuzu esesiwaqoqile emidlalweni esinayo kodwa lokho akusho lutho. Abantu bayabona ukuthi siyiqembu elihle ngakho bafuna ukusidonsela phansi.
“Uma bezithela ngabandayo abadlali emidlaweni bazojeziswa njengoba kwenzekile lapha. Ngethemba ukuthi bathole isifundo. Kuzoshuba, siya kwiFree State Stars emdlalweni ongelula, kube yiBaroka neCeltic ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini likaKhisimusi. Kumele sidlale kangcono,” kusho uTinkler.
Ukuwina le midlalo emithathu esele kulo nyaka kungayenyusa iSuperSport njengamanje iyibambe endaweni ka-11 kodwa ihlukaniswe amaphuzu ayisikhombisa kuphela neqembu eliqhwakele iMamelodi Sundowns.
Nayo iSundowns idlala imidlalo ebisalele ngayo emuva njengoba izobhekana neMaritzburg United kusasa eLoftus Stadium, ePitoli.