ZITHOLA ukwelulekwa ngokomqondo izingane ezintathu zikasomabhizinisi waseMadadeni eNewcastle kulandela ukuthunjwa kwazo yizigebengu ebezifuna uR2 million ukuze zizidedele.
Amantombazanyana amathathu aneminyaka engu-11, eyisishiyagalolunye neneminyaka eyisithupha athunjwe ngoMsombuluko ekuseni eya esikoleni.
Laba baze batholwa ngoMsombuluko ebusuku befihlwe komunye umuzi eHudula khona eNewcastle. Umnikazi womuzi oneminyaka engu-70 kuthiwa zimkhalele kade sekuzolandwa abagilwa.
Amaphoyisa abophe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-70.
Uyise walaba bafundi base-Islamic College, igama lakhe esiligodlile, uthe izingane zakhe zisathukile emuva kokuthunjwa kwazo. “Izingane zami zisathukile impela kulandela ukuthunjwa kwazo. Kumanje ziyalashwa ngokomqondo ngoba okwenzekile kuzona kube nzima kakhulu. Yize zisencane kodwa zikhumbula konke okwenzekile,” kusho uyise wezingane.
Elandisa Isolezwe uthe kulaba ababoshiwe kukhona nomngani wakhe nasola ukuthi uyena obefuna ukumqola.
“Nginamatekisi amabili, ngisanda kudayisa itekisi elilodwa njengoba sekuthunjwa izingane zami, bengifuna nemali. Ngiphoxekile ngoba umsolwa oyedwa ungumngani wami. Ngiyacabanga ukuthi ubesefuna le mali engidayise ngayo itekisi,” kusho uyise wezingane ngomoya ophansi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe abasolwa bazovela namhlanje enkantolo yaseMadadeni.
“Abasolwa babhekene necala lokuduna imoto, elokuthumba, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, kuzokwengezwa necala lokushushumbiswa kwabantu,” kusho uCol Mbele.
UMnuz Arthur Phiri obeshayela imoto ebigibelise laba abathunjiwe uthe ubengalindele ukuthi bazohamba nezingane.
“Bengihambisa izingane njengenjwayelo esikoleni, beziyisithupha emotweni encane. Abafana abathathu namantombazane amathathu. Kuqhamuke owesilisa obekhomba imoto sengathi kukhona okungahambi kahle, ngibe sengiyihambisa kancane. Ngaleso sikhathi kuqhamuke omunye umsolwa wangikhomba ngesibhamu. Ungikhiphe ngenkani emotweni,” kusho uPhiri.
Uthe izingane ezintathu zabafana zikwazile ukuphuma zabalake, kwasala ezamantombazane.
“Umsolwa uhambe nazo izingane, sabe sesithinta amaphoyisa,” kushi uPhiri.
Uthe omunye umsolwa ubezimboze ubuso, omunye engabumbozanga.
Lawa mantombazane kuthiwa abesekhala ubumayemaye ngesikhathi imoto eyiBMW abebehamba ngayo ishaya ichitha nawo.
Ngokusho kukayise wezingane abasolwa bamshayele ngenombolo efihliwe befuna imali ukuze badedele izingane zakhe.
Kungenelele amaphoyisa, obese kuyiwona akhuluma nabasolwa.
Ulwazi lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kwabasolwa, nezingane zabuya ziphephile.