USELALA obenyoni okhulumela ithimba lesikhashana elihola i-ANC Youth League (ANCYL) KwaZulu-Natal, uMnuz Sibonelo Nomvalo, emva kokuthola ukuthi kukhona abahlela ukumsoconga.
UNomvalo uthe usethole ukuthi kunezinkabi ezithengelwe ukuba zimbulale. Lolu lwazi uthe uluthole emva kokuthunyelwa inkulumo eqoshiwe lapho kuzwakala khona omunye wabaholi be-ANCYL, behlela itulo lokumbulala.
UNomvalo, obuye abe ngusihlalo wegatsha le-ANC, uthe uke wacabanga nokushiya kwipolitiki emva kokuthola ngaleli tulo. Ngesonto eledlule uvule icala emaphoyiseni.
Echaza ngokuthola kwakhe ngetulo uthe uthunyelelwe inkulumo eqoshiwe ngesonto eledlule.
Uthe kule nkulumo eqoshiwe kuzwakala izwi lomunye wabaholi be-ANCYL kwisifunda iHarry Gwala, nathe uyamazi.
UNomvalo naye uphuma eHarry Gwala.
"Inkulumo eqoshiwe iveza ukuthi kukhona abangibophela amanqina enyathi. Umuntu ongithumele inkulumo ungidonse ngendlebe ukuba ngiye kovula icala emaphoyiseni. Uthe kukhona enye inkulumo eqoshiwe asazongithumela yona futhi, neveza eminye imininingwane eshaqisayo.
“Izwi elikhuluma kule nkulumo eqoshiwe ngiyalazi, lo mholi uzichaza njengesitha sami. Inkulumo ikuveza obala ukuthi kukhona izinkabi esezithengelwe ukuthi zingibulale.”
UNomvalo uthe uzizwa engaphephile ikakhulukazi njengoba kusanda kubulawa omunye wabaholi obeyingxenye yethimba lesikhasha elihola i-ANCYL, uMnuz Mfundo Mokoena. UMokoena wadutshulwa wafa ngo-Ephreli.
“Ngakho ukwesaba, bese ngithathe isinqumo sokuthi ngishiye kwipolitiki. Kepha abaholi be-ANC bangincengile, bathi ngingasuli. Akusiyona into elula ukwazi ukuthi kunabantu abakubophela amanqina enyathi.”
UNomvalo uthe uqale ukuthola ngezinsolo zokumbulala ngenyanga edlule.
“Ngibabikelile abaholi benhlangano, base bengicebisa ngokuthi ngiye kovula icala emaphoyiseni. Emva kwalokho, ngithole ukwesekwa ngozakwethu abahlukene kwi-ANCYL. Nginethemba lokuthi amaphoyisa azokwazi ukuphenya ngokushesha ngalokhu.”
Umgqugquzeli wethimba lesikhashana elihola i-ANCYL eKZN, uMnuz Mafika Mndebele, uthe bebengakabikelwa lutho ngetulo lokusocongwa kukaNomvalo.
“Sigcine ngokukubona ezinkundleni zokuxhumana kodwa akakaze asibikele. Thina esizokusho ukuthi uma kunezinsolo zokubulawa, azithathwe ziyiswe kwizinhlaka zezokuphepha.
“Akungasetshenziswa lezo zinsolo ukuhlakaza i-ANCYL. Izinsolo zokubulala yizinsolo ezibucayi. Sithi kufanele ziyiswe emaphoyiseni ukuze ziphenywe.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Constable Thenjiswa Ngcobo, uthe inombolo yecala ehlinzekwe uNomvalo ayiveli ohlwini lwamacala avulwe esiteshini samaphoyisa Ibisi.