IPHINI likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bongani Mkongi, licikwe wumsolwa ecaleni lokubulala isitshudeni saseMangosuthu University of Technology, ngokukhombisa ukungazisoli nokwedelela inkantolo. UMnuz Thabani Mzolo (23) ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo kukhona noMkongi ezokwethamela icala.
UMzolo ubevele enkantolo ezofaka isicelo sebheyili ngecala lokubulala uNksz Zolile Khumalo (21), okusolwa ukuthi wamdubula esendaweni ehlala izitshudeni eLonsdale ecikwa wukuthi isimalile.
Sichithiwe isicelo sikaMzolo sebheyili ngoba ikheli lakhe alicaci. Uninakhulu uNkk Sbongile Nkabinde (65) wase-Escort uphikile ukuthi uMzolo ubehlala naye. Nomndeni athe ubehlala nawo eMhlanga ukuchithile ukuthi uMzolo ubelilungu lomndeni, wathi ngumntwana abamthatha bamfundisa ngoba engenabazali. Icala lihlehliselwe uJune 19 ukuze kuqinisekiswe ngekheli ahlala kulo.
UMkongi uthukuthele wathelwa ngamanzi uMzolo egolozela imantshi, uMnuz Mohamed Motala. Imantshi iyalele uMzolo ukuba ahlale angasukumi kuze kuphume yona kuqala kodwa wasukuma wangayinaka imantshi, waphakamisa umunwe ophakathi nendawo okuwuphawu lwenhlamba. Imantshi imthethisile, yambuza ukuthi uyaphi akawuzwanga yini umyalelo wayo.
“Lokhu akwenzayo kusikhombisa ngokusobala ukuthi akazisoli futhi akanandaba. Usivezele sonke ukuthi usengaphinda abulale.
Le nto uyenza kukhona ngisho amaphoyisa nemantshi. Kusobala ukuthi inhlonipho akanayo nakancane,’’ kusho uMkongi ecikekile.
Isenzo sikamsolwa simangaze ngisho uninakhulu kamufi uNkk Watti Khumalo, othe lo mlisa kuyacaca ukuthi akazi noma liyaphuma noma liyashona, akakhombisi ukuzisola.
IPhini likaNgqonqoshe uMnuz Bongani Mkongi likhuluma nabantu emuva kwecala likaThabani Mzolo osolwa ngokubulala intombi yakhe