UKHETHWE ngo-elethu uMengameli omusha weNatu uMnuz Allen Thompson.
UThompson ukhethwe yingqungquthela yale nyunyana yezinsuku ezintathu eNyuves yaseZululand, oNgoye.
Ungena ezintanjeni zokuphatha le nyunyana ngemuva kweminya eyiphini likamengameli.
UThompson akekho abebanga naye lesi sikhundla njengoba ephakanyiswe yedwa.
Njengoba engazange aphakanyiswe namuntu lokhu kusho ukuthi usenguMengameli.
Phakama Thompson ixesha lifikile abesho kanje amalungu eNatu ngoLwesibili emini njengoba bekumenyezelwa abangenela umbango wokuhola iNatu @IsolezweNews #centenary pic.twitter.com/Ddw3DcyCUY
— mhlengi (@mhlengza) September 4, 2018
Kuqhume ingoma ngesikhathi owengamele ukhetho uMfundisi Eliam Biyela ememezela ukuthi usenguMengameli.
Usukume lapho ebehleli khona waya esteji eyothatha indawo yakhe njengomholi wale nyunyana.
Kube sekuculwa izingoma ezehlukene wasukuma wananela ingoma
Ungena nje le nyunyana igubha iminyaka engu-100 yasungulwa kulo nyaka.
Ukuvota kuyaqhubeka kanti uThompson nguyena ozovala le ngqungquthela.
Phakathi kwabantu abakhona ukuzomeseka kubalwa owakwakhe uNkk Hlengiwe Thompson okhona kulokhu kuqale le ngqungquthela ngoMsombuluko.