Izindaba

Utholwe nesamba owabamba inkunzi eposini

Bongiwe Zuma|Published

IZIBHAMU ezitholwe kumsolwa obethungathwa ngesigameko sokubanjwa kwenkunzi iposi laseLamontville Isithombe: SITHUNYELWE

INHLANZI ishelwe amanzi ebhungwini ebelithungathwa ngamaphoyisa kulandela isigameko sokubanjwa inkunzi kweposi laseThekwini.

Lo msolwa (22) wayesinde ngokulambisa eLamontville ngesikhathi izaguga ezazizohola impeshemi zibamba ozakwabo ababili ngelanga lesigameko.

Amaphoyisa aseLamontville, awasoThongathi ngokubambisana nophiko lweCrime Intelligence bathungathe lo msolwa baze bamthola ekubhaceni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Nqobile Gwala uthe lo msolwa wasala kwababili ezabakhalela ngelanga lesigameko kanti amaphoyisa abephezu kophenyo olunzulu amthola nesamba sika-R30 000.

Uphinde wayokhombisa amaphoyisa endlini engahlali muntu eLamontville lapho kutholwe izibhamu ezimbili okubalwa i-AK-47, i-9mm nezinhlamvu eziwu-47.

"Umsolwa ubefuneka ngecala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, ukutholwa nemali eyebiwe, izibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Amaphoyisa athole umkhondo anikela khona. Umsolwa uzovela enkantolo kaMantshi eThekwini," kusho uLt Colonel Gwala.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoNovemba 3 amadoda amathathu agasela eposini athatha izikhwama ezimbili ezazinemali.

Izaguga ezaziwotha ubomvu zabamba ababili kwase kuthi umsolwa wesithathu waphunyuka nesibhamu. Amalungu omphakathi ambona umsolwa eyofihla imali ehlathini nezibhamu, afike ayithatha ahlukaniselana ngayo. Amaphoyisa asathungatha abanye abasolwa abane abasagcwele amathafa," kusho uLt Colonel Gwala.