UTHOLWE esibhedlela ngoMsombuluko egwazwe kanzima owesilisa waseNanda, obese kuphele isonto anyamalala ekhaya.
Ubesefunwa nasemakhazeni uMnuz Thembinkosi “Koko” Ngwanya (33), owaduka kubo ngoFebhuwari 15, otholwe esibhedlela sikahululemi eThekwini.
Umndeni wakhe ubusuqala ukulahla ithemba njengoba ebengatholakali ngisho ocingweni kusukela alahleka. UNkk Vesta Lepheana ongunina wakhe omdala, uthe sebekwazi nokulala ubuthongo njengoba esetholakele. Utshele Isolezwe ukuthi balandela umkhondo emuva kokuba umfowabo ezwe abantu bekhuluma ngowesilisa owagwazwa ngosuku anyamalala ngalo.
“Kuthiwa abantu bebebabaza indlela alimala ngayo lo mfana owayegwaziwe, besho nokuthi ababoni ukuthi wasinda. Ngecebo likaNkulunkulu nje umfowabo ubelalele, wabuzisiza kubantu abebexoxa ukuthi wayiswa kusiphi isibhedlela lowo muntu owalimala? Umkhondo usibhekise emtholampilo eNewtown sayobheka khona,” echaza.
Uthe nakhona kuthathe isikhathi ukuthi bathole umkhondo ngenxa yokuthi uNgwanya wabhalisa igama lesidlaliso kanti bona bebembheka ngelikaThembinkosi. Umndeni wakhe ugcine uyalelwe esibhedlela esisedolobheni, wamthola khona egwaziwe.
“Namanje asazi ukuthi wasinda kanjani, sibonga imikhuleko yabazalwane. Indlela agwazwa ngayo esiswini, kuthiwa amathumbu ayechithekele ngaphandle.
“Wagwazwa amanxeba amathathu esiswini ebanjwa inkunzi khona eNanda waphucwa iselula, amateki nejakhethi,’’ kusho uNkk Lepheana.
Kuthiwa bayisikhombisa abesilisa abamhlasela, wasizwa yimoto eyayidlula sebefuna ukumdudulela ehlathini bamqedele.
UNgwanya wayephume kubo eyohambisela umngani ijakhethi emuva kokuba kuhambe ugesi besabuka ibhola.