Utholwe eshonile obehambe nabangani beye emcimbini
PHILI MJOLI
UTHOLAKALE eseshonile owesifazane waseMachunwini, eMsinga okuthiwa ubehambe nabangani bakhe beye emcimbini obukuyo le ndawo ngoMgqibelo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba uNksz Thandeka Nono Mchunu ubehamba nabesifazane abathathu beye emcimbini kanti isidumbu sakhe sitholakale ngoMsombuluko.
Umthombo wephephandaba osondelene nomufi, uthe ngemva komcimbi wasemini kuqhutshekiwe kwaphuzwa kwaze kwaba sebusuku.
“Umufi nabehamba nabo bebephuza ebusuku. Sithole ukuthi bahlukane entathakusa ngeSonto. Endleleni kuthiwa kuvumbuke abesilisa ababaziyo babakhomba ngesibhamu befuna ukuhamba nabo ngenkani. Abathathu babalekile kodwa umufi wahluleka. Ngesikhathi befika ekhaya abazange basho ukuthi kwenzekeni ngoba bebesaba ihlazo lokuthi bebephuza,” kusho yena.
Umthombo uqhube wathi ngakusasa umufi ufunwe wangatholakala.
“Ilanga belishisa kakhulu ababefuna bafune kancane babuye baphindela emakhaya bezitshela ukuthi uzobuya kungenzeka ukuthi uhambe izindlela zakhe. Ngakusasa ngoMsombuluko isidumbu sakhe sitholakale ehlathini sinamanxena okugwazwa. Kutholakale nokuthi udlwenguliwe ngaphambi kokubulawa,” kusho umthombo.
UCapt Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa, uthe umufi wagcina ukubonakala entathakusa ngeSonto. Utholakale eMhlangana, eMsinga ngoMsombuluko elimele kabi ekhanda.
“Kuvulwe icala lokubulala eliphenywa ngamaphoyisa.”