INKANTOLO yeMantshi eNelspruit inqume ukumnika ibheyili obewungqongqoshe eMpumalanga, uMnuz Mandla Msibi, ecaleni lokubulawa kwababili nelokuzama ukubulala.
UMsibi, nabanye ababili asolwa nabo, ngoLwesibili ekuseni bathole ibheyili ehambisana nemibandela eqinile yokuthi bangasondeli kofakazi becala nokuthi bangenzi cala besangaphandle ngebheyili. Baphinde bayalelwa ukuthi bashiye ama-passport abo namhlanje emaphoyiseni nokuthi abanalo ilungelo lokuphuma esifundazweni iMpumalanga ngaphandle kwemvume yomphenyi wecala.
Inkantolo ithe uma kukhona obanjwa ephule le migomo kuzokhishwa incwadi egunyaza ukumbopha, imali yebheyili idliwe wuMbuso bese eyavalelwa.
UMsibi naboshwe nabo basolwa ngamacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala esigamekweni okuthiwa senzeka ngo-Agasti nonyaka.
Ekhuluma nabebezomeseka ngaphandle kwenkantolo, uMsibi uthe ukuboshwa kwakhe kuhlobene nohlu lwamakhansela eBarberton kulesi sifundazwe. Uthe selokhe lwakhishwa lolu hlu sekubulawe abantu abayishumi ngakho uyasola ukuthi ubhecwa ngobende inyama engayidlanga kodwa uthe uzoveza konke uma esekhuluma nobuholi obuphezulu be-ANC.
Uthe usazocela umhlangano noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, amdwebele isithombe ngakho konke okwenzekayo njengoba kubhekwe okhethweni.
Ngemuva kokuboshwa kwakhe, uNdunankulu waseMpumalanga, uNkk Refilwe Mtsweni-Tsipane, umkhombe indlela kwesobungqongqoshe eMnyangweni wezoLimo.
Khonamanjalo, lihlehlisiwe icala elibhekene noNobhala Jikelele we-ANC omisiwe, uMnuz Ace Magashule, elithinta ithenda kaR255 million.
Icala lizobuyela enkantolo ngoNovemva 3, lapho inkantolo izonquma khona ukuthi kuzoqala nini ukuqulwa kwecala.