USAKHUNGATHEKILE umndeni kasomabhizinisi waseChesterville obedukile, isidumbu sakhe esitholwe siklajiwe eVerulam.
UMnuz Delani Maishi (46), obengesinye sezikhulu zakwa-IFA Network Marketing, unyamalale ngoDisemba 16 eThekwini. Umndeni wakhe nabangani bese befake nezithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana becela ukufuniswa yena.
Ephephandabeni Isolezwe NgoMgqibelo umkakhe uNkk Olwethu Maishi, uthe basola ukuthi wathunjwa kodwa ngesikhathi ehamba ekhaya akashongo ukuthi uyaphi. KuFacebook bekufakwe nesithombe sowesilisa okuthiwa wagcina ukubonakala naye ngosuku anyamalala ngalo. UNkk Maishi uthe amakhamera aseSuncoat Casino lapho okuthiwa imoto yakhe yakhonjwa khona, akhombisa engena emotweni emhlophe iToyota Fortuner. Le moto kuthiwa i-tracker yayo iyikhombe eChatsworth kodwa yatholakala ingenamuntu. UMnuz Thabo Maishi ongumfowabvo kamufi, uthe basakhungathekile njengoba isidumbu sakhe besithole ngoMgqibelo.
“Akukho ngisho izinhlelo esinazo okwamanje ngoba sisazohlangana sibonisane nomndeni. Umlisa okuthiwa wagcina ukubonakala naye nathi asimazi kodwa sithembele emaphoyiseni ngakho konke. Akukho mkhondo esinawo ngokubulawa kwakhe,” echaza.
Uthe icala lokuduka lalivulwe esiteshini samaphoyisa eCato Manor kodwa njengoba esetholakele selidluliselwe kubaphenyi bamacala obugebengu obuhleliwe.
Uthi umufi ubengelinye lamalungu ebhodi lakwa-IFA futhi ephambili kwabasabalalisa bhizinisi.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebekhala ngokuthi bafe olwembiza ngalo somabhizinisi okuthiwa ubeseshintshe impilo yabantu abaningi. Abanye bamchaze njengomuntu obenamancoko, abathe ubejwayele ukukhuluma ezithangamini zaleli bhizinisi eThekwini.
Ngokwesitatimende seReaction Unit South Africa (Rusa), kuvela ukuthi isidumbu sakhe satholwa sintanta emfuleni e-Oakford, eVerulam ngoDisemba 17.
Kuthiwa ithimba leRusa lafika endaweni yesigameko ngezithuba zabo 6 ntambama, isidumbu sesikhishwe ngamaphoyisa emfuleni.
“Imbazo okukholakala ukuthi isetshenzisiwe ukubulala umufi, yatholakala osebeni lomfula. Okwamanje asaziwa isizathu sokubulawa kwalona wesilisa” kusho isitatimende.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukubulawa kukaMaishi.