USUTHOLA izinsongo umndeni womfundi ozibulele ngeledlule waseMaphephetheni, eNanda, kulandela ukushaqwa kwababili abasolwa ngokumthumba baphinde bamdlwengule bephindelela ngasekuqaleni kwale nyanga.
U-Athabile Khanyi (17) obefunda uGrade 11 esikoleni iMakhapha Combined, ushonele esibhedlela.
Lokhu kulandela ukuphuza inqwaba yamaphilisi ngoMsombuluko odlule, emva kokubuyiswa abasolwa ababili, okuthiwa babemthumbe impelasonto yonke, beshintshana ngaye, bemdlwengula.
Abasolwa abantu besilisa abaziwayo endaweni, abasebenza ematekisini angaphansi kweMaphephetheni Taxi Association.
Olwezinsongo ezibhekiswe emndenini, luvezwe udadewabo kamufi uNksz Ntombifikile Mthembu izolo, ngesikhathi umphakathi nabafundi bezikole zendawo abebevutha bengabaselwe, bebhikishe baya ngqo erenki yamatekisi.
UNksz Mthembu uthe emva kokulandwa kwabasolwa amaphoyisa ngoMsombuluko, baqalile ukungenelwa izingcingo ebezithi abagawule babheke.
"Abasifonelayo ngezinombolo ezifihliwe bathi akoba kuhle ukuthi sizifihle nathi njengoba kwenzeka kanje," kusho uNksz Mthembu.
Uthe bafuna ukukubeka kucace ukuthi ngeke basatshiswe abantu abangabazi, ngesihlobo sabo esihlukunyezwe ngesihluku abasolwa abaziwayo endaweni.
"Sizolwa kuze kube sekugcineni ngo-Atha," usho kanje.
USihlalo weMaphephetheni Taxi Association, uMnuz Nkosinathi Shabalala, uthe abahambisani nesigameko beyimboni.
"Ubufakazi bakhona, bufuna ukusithinta njengemboni. Asihambisani nalokhu okwenzekile. Sisazobheka nathi sibone kahle ukuthi obani laba abathintekayo embonini. Okubi ukuthi uye umqashe umuntu, uthi akazokusebenzela, ashayele imoto yakho, bese kwenzeka into ekanje," kusho uShabalala.
Uthe namuhla bazoba nomhlangano lapho bezoludingida khona lolu daba.
"Ngeke ngisho ukuthi kuzokwenzekani njengoba lo mhlangano ungakahlali, kodwa ngokwami, umuntu okanje akakwazi ukuqhubeka asondele emphakathini," kusho uShabalala, othe umuntu olandelwa iphunga elinje akakwazi ukuqhubeka nokusebenza.
Uthe ukube yikudala bebezoziqondisela bona ubugwegwe, wathi kodwa ngoba sekwayekwa umthetho kuthi usebenze, bazoyekela wona ukuthi wenze njalo.
Uthembise ukuthi kuzoba khona ukubambisana phakathi kwabo nomndeni kamufi, umphakathi namaphoyisa, ngakho konke abazokudinga.
UNksz Nomathemba Sibiya weThekwini Children's Sector, uthe bazoqala phansi bafuqe imikhankaso emphakathini nasezikoleni ukuthi abantwana bangathuli nezinto ezibehlelayo, bangazizwa benomzwangedwa uma behlelwe okuthize.
“Kudinga bafundiswe ukuthi into noma incane kanjani, iyabikwa ukuze basizakale,” kusho uNksz Sibiya.
Unxuse imindeni ukuthi ibalalele abantwana uma bezama ukubika ukuthi behlelwe okuthize.
“Ngisho ngabe umntwana uyilolu hlobo okuthiwa luyahlupha, kodwa abalalelwe. Ngisho ngabe uyamazi ukuthi uwumntwana ongahloniphi, obuye ahambe angabuyi ekhaya, kodwa uma eseza kuwe ezosho ukuthi uhlukumezekile, mlalele,” kusho uNksz Sibiya.
Uthe abazali abayiphonse imibuzo ebantwaneni babo uma kukhona abangakuboni kahle futhi balivule igumbi lokuvuleleka kwabantwana babo ukuze basheshe bathole uma sebehlelwe yinkinga.
Obehamba phambili ekuhlelweni kwemashi, uNkk Nokuthula Cele weThekwini Women's Sector, uthe okubalethe erenki yamatekisi ukuthi bazwile ukuthi umufi ubethunjwe abesilisa abasebenza embonini yezokuthutha.
“Abantu bemboni basebenza nathi siwumphakathi. Yithi obasi babo. Sizobabukelwa ubani uma kuzoqhamuka izehlakalo ezikanje?” kubuza uNkk Cele.
Uthe bewumphakathi abayifuni imboni ezofuya abantu ababuye bahlukumeze umphakathi.
Uthe nakuba umufi ezibulele kodwa ubephushwa okuthile, wathi ukube ubengathunjwanga, wadlwengulwa, ubengeke abe nesizathu sokuzibulala.