UTHOBEKE amanxeba owesifazane owadlwengulwa enezinyanga eziyisikhombisa ezithwele kugwetshwa umdlwenguli odilikajele abayisikhombisa.
Owesifazane waseHarding nabanye abesifazane abayisithupha abadlwengulwa, bathole ubulungiswa kugwetshwa uMlungisi Mjoli iminyaka ewu-76 ebhadla ejele.
NgoLwesihlanu uMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal, iJaji Achmat Jappie, ugwebe uMjoli iminyaka ngelinye icala lokubamba inkunzi nelokushaya ngenhloso yokulimaza.
Owesifazane ulinde iminyaka emihlanu ukuze abone ukwenziwa kobulungiswa.
Ngokusho kwakhe wake wamvulela icala ngaphambilini kodwa lahoxiswa.
UMjoli kuthiwa watoka amasonto amabili wase ededelwa ngebheyili ngo-2016, amacala ayebekwe wona ahoxiswa.
“Ngase ngilahle ithemba ukuthi uyoke ajeze. Omakhelwane base behleba ngami, ngase ngikhathazekile ukuthi ingane yami izothola ukuthi ngadlwengulwa ngesikhathi ngiyikhulelwe.”
Ngo-2017 amacala avulwa kwabusha ngesikhathi amaphoyisa esekwazi ukuhlanganisa amanye amacala ayethinteka kuwo ezindaweni ezehlukene.
Wonke amacala ahlanganiswa abe esephenywa uphiko oluphenya amacala ocansi eNanda.
Aphenywa ngoSergeant Vusi Shinga noMndeni Mzila.
Waphinde waboshwa ngo-Ephreli 2017, isicelo sebheyili saphikiswa enkantolo kanti ubelokhu etokikile.
UMjoli wayephume ngoshwele ngo-2010, ekade eboshelwe icala lokudlwengula eMzimkhulu. Wahlala iminyaka emine kweyisishiyagalolunye ayeyigwetshiwe.
Owesifazane amdlwengula ekhulelwe, ingane yakhe manje eneminyaka emine, uthe kwaba nzima kakhulu ezithwele nokukhulisa ingane yakhe.
Uthe ubudlwelwane noyise wengane abusebuhle ngoba sekunzima nokuthi aye ocansini emuva kokuba edlwenguliwe.
Wangenelwa endlini elele nomngani wakhe, uMjoli wamdlwengula, umngani wakhe wathi akalale.
Wayesazomdlwengula naye kodwa kukhona okwamphazamisa.