USEHOLE imali engaphezulu kuka R1 million ehlezi ehhovisini lomnyango engenzi lutho uthisha kulandela ukuxabana nothishanhloko nesigungu esengamele isikole abefundisa kuso.
UMnuz Ndifelani Ligege (40) wase-Amseterdam, eMpumalanga, usefake uMnyango wezeMfundo eMpumalanga enkantolo ngale ngxabano esimhlalise ekhaya iminyaka emine. ULigege ubeyihola njengoba injalo imali yakhe nebhonasi ngaphezulu yonke leminyaka.
Lo thisha ofundisa e-Umlambo Combined Secondary ufuna umnyango umkhokhele uR1.5 million ngokudicilelwa phansi kwesithunzi sakhe kanye nezindleko zokugqigqa odokotela ngenxa yokhwantalala oludalwe yilolu daba.
Encwadini ayifake enkantolo uveze ukuthi ngesikhathi egcina ukuya esikoleni, uthishanhloko uMnuz Enock Yende wambizela ehhovisini lakhe wamtshela ukuthi aphume aphele esikoleni uma engafuni ukulimala.
Uthe lo mhlangano wawulandela ukuxoshwa kwakhe esikoleni athe kwakungekho emthetheweni. ULigege waxoshwa kulesi sikole ngoDisemba, 2014 esolwa ngokungenzi umsebenzi ogculisayo.
Lo thisha uthe kwamthusa lokhu ngoba akakaze abuzwe lutho ngomsebenzi wakhe njengothisha wesiNgisi neLife Sciences kulesi sikole selokhe aqala ukufundisa ngo-2010.
“Ngahola iholo elithe xaxa ngo-2014 okuwubufakazi bokuthi ngangenza umsebenzi osezingeni eliphezulu,” kusho uLigege encwadini.
Umnyango wathi ukuxoshwa kwakhe akukho emthethweni wazisa isikole ukuthi simvumele aqhubeke nokufundisa ngoJanuwari, 2015. Ngenxa yokusatshiswa uLigege waphinde wahamba kulesi sikole.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eMpumalanga uMnuz Jasper Zwane akacacisanga ukuthi umnyango uzothatha liphi igxathu ngokufakwa kwalolu daba enkantolo.
ULigege usola ukuthi inzondo ebhikiswe kuyena kulesi sikole yadalwa ukubika kwakhe ngomkhonyovu obuqhubeka ngo-2014. Uthe wabika ngothisha owayesethathe umhlalaphansi okwaphela izinyanga esathola umholo.
Engxoxweni nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Star, uLigege uthe eminyakeni emine edlule ubehola uR270 000, ngonyaka ehlezi ehhovisi lomnyango.