UBHUQUZA ekhaya umfundi wesikole samabanga aphezulu iM.L Sultan Secondary, KwaDukuza emuva kokuthi ecebe omunye wothisha okuthiwa ubemumisa kabi, emeshela usuku nosuku esikoleni.
Umfundi oneminyaka engu-17 esingeke simdalule ukuvikela isithunzi sakhe, kuthiwa akasalubhadi esikoleni ngoba kunothisha nabafundi abambuka kabi.
Uyise womfundi esingeke simdalule naye ngakho ukuvikela isithunzi sendodakazi yakhe, uthi sekumphatha kabi ukuthi indodakazi yakhe isihleli ekhaya.
“Akasayi esikoleni ngoba akasakwazi ukufunda akhululeke uyagxekwa, kuthiwa uzoqedela uthisha umsebenzi. Ngifisa athole esinye isikole esingeke sibize kakhulu lapho azoqhubeka afunde khona,’’ kusho uyise.
Imithombo engaphakathi esikoleni ithi uthisha obhekene necala lokuxina kabi umfundi ngokumeshela, wesule isigubhukane washaya wachitha, akaziwa ukuthi ukuphi.
Kuthiwa umfundi ubesekhathele ukweshelwa yilo thisha. Umfundi waze wenza iqhinga lokuthi aqophe ngeselula ingxoxo yabo nothisha ukuze abe nobufakazi.
Lo mthombo ozazi zonke izindaba uthi uthisha wacela umfundi ukuba bathi ukuphuma esikoleni kanti ufuna ukumyisa endlini yakhe ayomncenga kahle ukuba amqome.
Kuvela nokuthi waze wacela uzakwabo onguthisha onemoto owabahambisa wabashiya enxanxatheleni yezitolo nokuyilapho umfundi afika anqaba khona ukuhamba. Kuthiwa wayehamba emqopha yonke indlela.
“Uyezwakala uthisha ethi kumfundi abahambe bayojika endlini bayokwenza ishandisi futhi kuzoba mnandi. Umfundi uzwakala ekhuza ebabaza ethi akayi lapho uyajika yena,’’ kulanda umthombo
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe ucela umndeni womfundi ubambisane nabo emizamweni yokutholela umfundi esinye isikole.