UGWETSHWE iminyaka engu-17 ebhadla ejele umsebenzi owabulala umqashi wakhe ngoba esekhathele ukuhlukumezeka.
Izolo inkantolo eNkulu yaseThekwini igwebe u-Innocent Hadebe (28), wasoZwathini iminyaka engu-12 ngecala lokubulala neminyaka engu-10 ngecala lokuntshontsha, kuleyo minyaka emihlanu izohambisana nesigwebo sokuqala. Lokhu kusho ukuthi ingu-17 azoyidonsa.
UHadebe ulivumile icala lokubulala uMnuz Naieem Mohamed.
UMohamed wagwazwa inqwaba yamanxeba esitolo saseFood Lovers Market eThekwini ngoDisemba 2016.
Ngaphambi kokuba agwetshwe kubukwe ivideo yeCTTV lapho evela khona umbulali emgwaza ephindelela, aze amphendule elokhu emgwaza amanxeba
angu-30.
Ijaji uKate Pillay ligweba umbulali lithe kusemqoka ukuba isithunzi somuntu singathunazwa.
“Inkantolo iyakuqonda ukuthi leli cala walenza ngenxa yokudinwa kodwa wawukwazi owawukwenza ukuthi kuyicala. Akekho onelungelo lokuphuca omunye umuntu ilungelo lokuphila. Akekho futhi umuntu okumele ahlambalaze omunye. Umndeni kamufi uthi akekho umuntu okufanele abulawe ngale ndlela kodwa akekho umuntu okumele ahlambalazwe ngendlela umbulali athi wahlanjalazwa ngayo. Isithunzi somuntu naso kumele sivikelwe,” kusho iJaji Pillay.
Lithe umbulali waphuca umndeni kamufi ilunga eliqavile, kumele ajeze ukuze ezofunda ukuthi inkinga ayixazululwa ngodlame.
“Inkinga esibhekene nayo ezinkantolo wukuthi abantu abakuqondi ukuthi izenzo zabo ziba nomthelela kwabanye. Buka manje uyibhungu kodwa ngeke usakhululeka ekukhuleni kwakho, uzobhadla ejele. Isenzo sakho asilimazanga umufi nomndeni wakho kodwa nawe uqobo uzilimazile,” kusho iJaji Pillay.
Likugcizelele ukuthi yize lisizwa isizathu sakhe sokuthi wayediniwe kodwa ukuntshontsha imali engu-R45 000 akakuqondi ukuthi wayekwenzelani.
“Ngesikhathi nje usuqala ukuzenzela esitolo, untshontshela umufi, inkantolo ayiqondi ukuthi nalokho wawukwenza ngoba nakhu udiniwe yini. Umuntu odiniwe wayengabulala maqede azihambele nje, wena lokhu owakwenza kwabe sekuwukuphanga,” kusho uJaji Pillay.
Umbulali ngesikhathi egwetshwa ubheke phansi, amalungu omndeni kamufi nawo abelokhu ehlome amakhanda phansi kanjalo nomndeni wakwaHadebe ubuhlezi ekhoneni uhlome amakhanda phansi.
Abomndeni kamufi baphume ngokushesha enkantolo emuva kokukhishwa kwesigwebo, kucaca ukuthi abenelisekile benikina amakhanda. Umbulali uvalelisile emalungeni omndeni wakhe wazwakala ethi: “Ngiyabonga ngokungeseka noma kunjena, ningabe nisakhala, ngizophuma ejele, ngiyaxolisa.”
Usho lawa mazwi maqede wehlela ngezitebhisi ezingena emagumbini angaphansi enkantolo.
Esitatimendeni esifungelwe uvume kuso icala wathi impela wamgwaza ephindelela umqashi wakhe ngoba wayehlala ngokumthuka, emhlambalaza ephinde emcwase ngoba engumuntu omnyama.
Wabe esethatha u-R45 000 esisefweni, u-wallet namafoni kamufi. Wabaleka endaweni yesigameko.