USOTSWEBHU we-ANC uNksz Pemmy Majodina, uthe bazosebenza ngamandla ukuqinisekisa ukuthi imigomo ye-ANC iyasheshiswa ePhalamende.
UNksz Majodina uthe ngeke basabe ukubuza imibuzo enzima kongqongqoshe abasha abazongena.
“Sizosebenza ngamandla ukuqikelela ukuthi imigomo nezethembiso zikaKhongolose ziyafezeka. Lokhu sikwenza silandela umqulu wezethembiso wokhetho wale nhlangano okuyiwo osinika umkhombandlela,” kusho uNksz Majodina.
Ukusho lokhu izolo ngemuva komhlangano wekhokhasi ye-ANC ePhalamende njengoba namhlanje kuzophakanyiswa igama likaSomlomo nelePhini lakhe bese kuba khona abawasekayo bese befungiswa uma indlu ivumelana.
Kuzobe sekuphakanyiswa noMengameli bese evotelwa ngevoti eliyimfihlo uma kungukuthi kukhona namanye amagama aphakanyisiwe.
UNksz Majodina uthe balindele ukuthi uMengameli amemezele ikhabhinethi yakhe ngelizayo.
UMengameli Cyril Ramaphosa kulindeleke ukuthi afungiswe ngoMgqibelo emcimbini ozobe uhanjelwe nawumphakathi ePitoli.
“Silindele ukuthi uMengameli aqoke ikhabhinethi yakhe okungenani ngoMsombuluko, bese siqoka oSihlalo bamakomiti ahlukene. Sizokwenza lokhu ngemuva kokumenyezelwa kwekhabhinethi entsha bese siqoka nabanye osotswebhu.”
Ebuzwa ngesitayela sakhe sokuphatha, uthe akayena undlovukayiphikiswa.
“Ngisebenza nabaholi kodwa uyedwa usotswebhu. Njengekhokhasi ye-ANC ngeke silale sizosebenza. Abantu kumele balandele imigomo ye-ANC, simele abantu.
“Yilokho abakulindele kithina. Asinaso isikhathi sokusinisa amahleza, asinaso isikhathi. Kumele abantu abasivotele babone ukuthi abazange balahle ivoti labo ngokuvotela i-ANC,” kusho uNksz Majodina.
Ngemuva kokumenyezelwa kwekhabhinethi kaRamaphosa okulindeleke ukuthi incishiswe, ondunankulu bezifundazwe bazobe sebeqoka ongqongqoshe.
I-ANC imemezele ukuthi uRamaphosa uzophakanyiswa nguNksz Mojodina, asekelwe nguMnuz Derek Hanekom. USomlomo uNksz Thandi Modise, uzophakanyiswa nguDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, asekelwe nguMnuz Madala Ntombela.
IPhini likaSomlomo lizophakanyiswa nguMnuz Alvin Botes, asekelwe nguDkt Zweli Mkhize.
Amalungu omkhandlu wezifundazwe azofungiswa kusasa.