UMHOLI weNational People’s Front (NAPF), uMnuz Bheki Gumbi, uthe iqembu lakhe lizolwela ukuthi kubuyiswe amandla amakhosi aphinde anikwe nethuba lokubamba iqhaza ekulawulweni kwezwe uma bethola izihlalo ePhalamende okhethweni lukazwelonke ngoMeyi 8.
Ekhuluma nabalandeli bakhe enkundleni yezemidlalo eSithambi oPhongolo, ngoMgqibelo, uGumbi uthe bona uma bengaba nguhulumeni bangabusa izwe ngokubambisana namakhosi.
Uthe iqembu elibusayo liwabukela phansi amakhosi lithatha izinqumo ngaphandle kokubonisana nawo.
“Ukubukelwa phansi kwamakhosi kuyingozi futhi kubeka engcupheni ukugcinwa kwamasiko,” kusho uGumbi.
Uthe ubukhosi bebuvele bukhona ngaphambi kokuthi kube khona amaqembu ezombusazwe.
“Amaqembu ezombusazwe asungulelwa ukuthi aqhubeke nempi eyayivele isiqalwe amakhosi yokulwela umhlaba owathathwa ngendluzula ngabamhlophe. Kufana nodaba lokubuyiswa komhlaba akumele ngabe uhulumeni osekhaleni kule mpi, kumele ngabe amakhosi ahola lo mkhankaso,” kusho uGumbi.
Uthe abantu ezizweni zamakhosi abanandaba nohulumeni basakholelwa ebuholini bendabuko.
Uthembise ukuthi uma bephatha kuhulumeni bazoxazulula udaba lwemali uhulumeni ayikweleta izinduna.
UGumbi uchaze uhulumeni njengezahluleki.
“Kuyishwa ukuthi ngemuva kweminyaka engu-25 izwe lakhululeka iningi labantu lisabulawa yindlala ngenxa yokuntuleka kwamathuba emisebenzi,” kusho uGumbi.
Uthe bafisa ukuthi abantu babavotele ukuze babakhiphe emaketangeni obugqila. “Sizimisele ngokuxazulula inkinga ehlasele abantu bakuleli abakhala ngokungabibikho kwamathuba emisebenzi iningi lawo athathwe ngabantu bokufika,” kusho uGumbi.
Uthe iqembu lakhe liyakhula yize linezinyanga eziyisikhombisa lisunguliwe.
“Sinesikhathi esifushane sethule inhlangano yethu kodwa sesijoyinwe ngabantu abaningi. Usuku nosuku inhlangano yethu iyakhula. Siza nomehluko ezinkingeni ezikhungethe abantu okuhlanganisa nokubuyiswa komhlaba. Yithina sodwa esizoba yisixazululo ezinkingeni ezibhekene nabantu ngoba uhulumeni obusayo njengamanje uhluleke wancama wukuhlangabezana nezinkinga zezwe,” kusho uGumbi.
I-NAPF ibeke eqhulwini izinhlelo zokuthuthukisa abalimi abasafufusa, ukuphucula imboni yamatekisi, ukwenyuswa kwemali yezibonelelo nokuvulwa kwesibonelelo sentsha engasebenzi.