Izindaba

Uthando lokusiza abantu yilona olwamenza wakhetha indlela yobundela

sabelo mbatha|Published

INDELA uLethiwe Mazibuko waseMnambithi, ephahlwe ngabakhaphi bakhe emcimbini wokwethweswa iziqu yiDurban University of Technology (DUT)

Image: SITHUNYELWE

LIGQUGQUZELWE ukudlula emhlabeni kukamshana walo ngo-2023, indela elithathe amehlo abaningi lithweswa iziqu eDurban University of Technology (DUT) ngoLwesithathu. INdela, uLethiwe Mazibuko (55), ebeliphekezelwa amanye asemancane amathathu eliwakhulisayo, lingene emcimbini obubanjelwe e-Olive Convention Centre, eThekwini, lidlubhe izevatho zobusistela, kwachazeka abebewuhambele. 

ULethiwe waseMnambithi, othe ugqugquzelwe ukudlula emhlabeni kukamshana wakhe ukuba aqhubeke nezifundo zakhe, uthweswe iziqu zeDegree of Master of Management Sciences kanti ugxile kwiPublic Administration. Uphinde abe neDiploma in Office Administration neBachelor of Arts in Psychology. 

Uqale ukufundela iziqu asanda kuzizuza ngo-2020, wenza ucwaningo ngemfundo yamasiko axubile njengeqhingasu loxolo ezikoleni. Uthe uhambo lwakhe ukuze azuze lezi ziqu belungelula njengoba ebehlanganisa imisebenzi yesonto nezifundo zakhe. 

Ngokusho kwakhe, lolu hambo lwaphazanyiswa ukubheduka koKhuvethe nokubhekana namalungu omndeni wakhe ayesehaqekile. “Ngangehluleka ukugxila ezifundweni zami, ngangingaphansi kwengcindezi enkulu. Kwangithatha isikhathi ukuba ngivuke ngizithathe," kulandisa uLethiwe. Uthe ngo-2023, wagqugquzeleka ukuba abuyele ezifundweni zakhe emva kokushona ngokuzuma kukamshana wakhe ngoJuni 26, ngo-2023.  

"Ucwaningo lwami ngalwenzela yena ngoba kwangigqugquzela ukuthi ngibe nempilo ende nethuba lokufunda. Ngakwenzela yena," kusho leli Ndela eliyilungu leDominican Sisters of Montebello liphinde libe yiRegistrar weSt. Joseph Theological Institute.

Lithe njengoba umshana walo wayeneziqu zemfundo kodwa engasebenzi kepha ngosuku ashona ngalo, bathola ucingo olwaluvela komunye womasipala umunika umsebenzi. "Kwakuyisikhathi esibuhlungu kumina kodwa sangigqugquzela ukuqhubeka nocwaningo lwami ngoba ngangifuna ukufeza engikuhlosile," esho.

Ukholwa ukuthi umuntu ngeke alishumayela izwi likaNkulunkulu engahlonyisiwe ngolwazi futhi engenawo umqondo ovulekile ukusebenza nabantu. Echaza ngempilo yakhe, uthe waqala ukuba yindela esanda kuphothula u-matric, njengoba eseneminyaka engu-35 kulo msebenzi.

Uveze ukuthi okwamenza ukuba akhethe indlela yobundela ukugqugquzelwa wuthando lokusiza abantu nokwenza umehluko empilweni yabo. Nokho, uthe abazali bakhe babe ngayizwa eyobundela njengoba babefuna ukuba aye enyuvesi kodwa ekugcineni bamukela futhi bameseka. Uthe: “Ngikhule ngaphansi kwamaRoma aKhatholika. Abazali bami babengafundile kodwa babe nothando lwemfundo. Babe sebenza ngokuzikhandla futhi babefuna ukuba sifunde."

Kwabo, uthe bayisikhombisa, yena ungowesithathu.

Uthe yena nezingane zakwabo bazama ukufezekisa izifiso zabazali babo njengoba umfowabo omncane engudokotela, udadewabo ungunesi kanti omunye umfowabo enguthisha. ULethiwe uthe kumphathe kabi ukuthi unina oshone ngoDisemba 2024, ubengekho ukuchitha lo mzuzu obalulekile naye. Leli ndela lihlela ukuqhuba izifundo zalo lize libe udokotela wemfundo liqhubeke nothando lokulapha impilo yabantu.

Lihalalisela uLethiwe, iNdela u-Assampta Msiya (25), lithe uhlale ebagqugquzela ukuba bafunde. Lithe ukubona uLethiwe ethweswa iziqu kuligqugquzele ukuba liqhubeke lisebenze kanzima ukuze lithole iziqu zalo zeBachelor of Arts in Theology njengoba lenza unyaka wesithathu.