ISIBABULI somdlali wasesiswini esihlonishwayo kuleli, uTeko Modise, siphumele obala ngokungalungi kobudlelwano obuphakathi kwakhe noyise.
Encwadini ekhuluma ngempilo yakhe, iThe Curse of Teko Modise, uTeko uveze ukuthi uyise wenza iphutha elikhulu ngokuzama ukuxhumana naye ngohlelo lakwaSABC 1, iKhumbul'ekhaya.
Uthe lokhu wakwenza ngemuva kokuthi emxoshile kubo esayingane.
Ngemuva kokuthi lo mdlali esephumelele ebholeni, uthi uyise wazama ukuxhumana naye.
"Ubaba uyazi ukuthi umndeni wami uhlala kuphi. Uma efuna ukungibona kumele ahlele umhlangano nomndeni. Ngeke nje avele axhumane nami ngohlelo lwethelevishini ngoba nakhu senguwuTeko Modise. Lezi yizinto ebesingazixazulula ngasese," kusho uTeko encwadini.
UTeko uthe ngemuva kweminyaka engakhulumi noyise, uSteven Sekgaila, wathola ucingo oluvela kophrojusa beKhumbul'ekhaya, okuwuhlelo oluhlanganisa amalungu omndeni alahlekelana.
Uthe noma ekuqonda uyise ayezama ukwenza, akayithandi indlela akwenza ngayo.
"Lona ngumuntu owangilahlela emgwaqeni kwangathi angiyilutho. Manje ngoba sengidumile usefuna ukungazi. Ukube wenza izinto ngendlela ecele umhlangano nomndeni mhlawumbe ngabe singabangani namhlanje. Ngabe nginobudlelwano obuhle naye," kiusho uTeko.