UKHALA ezimathonsi owesifazane ngokuqolwa uR92 000 yindodana kaMfundisi wodumo lweNala Mandate, uHamilton Nala.
UNksz Nondumiso Sisango uthe akasazi ukuthi kufanele enze njani ukuze athole uR92 000 wakhe awutshale ebhizinisini lika Mnuz Mayibongwe Nala i-Afrikan Financial Services.
“Angisazi ngenze njani ngoba ngiyayifuna imali yami. Angisamtholi ndawo, nezinombolo zocingo ebesimthola kuzona kuqala azisasebenzi. Ngiphithanelwe yikhanda,” kukhala uNksz Sisango. Ulandise Isolezwe ngoMgqibelo, wathi waze ngaleli bhizinisi lokutshala imali ngoJuni, 2017.
“UMayibongwe wayesesontweni likayise kanti ngangivakashile ngezwa ekhuluma kahle ngaleli bhizinisi lakhe ethi kutshalwa imali liphinde lenze nokunye okuningi. Ngathatheka yilona,” kusho uNksz Sisango.
Akapholisanga maseko wafaka uR20 000 owamnika inzalo elinganiselwa kuR12 000 emuva kwezinyanga ezintathu. Wawushiya uR20 000 kwathi emva kwezinsukwana wanezezela ngoR10 000 ngethemba lokuthatha inzalo ngo-Okthoba.
“Kuhlehlisiwe ukunikwa kwethu inzalo kodwa ngangaba nankinga kwaze kwaba unyaka odlule. Sabizelwa emhlanganweni satshelwa ukuthi sesoyithola ngoDisemba 16 kodwa lutho. Bengithi uma ngimshayela ucingo nezasehhovisi zingasebenzi. Ngaya esontweni nasehhovisi eliseMusgrave, ngangamthola. Okungiphatha kabi wukuthi kuningi ebengifisa ukukwenza kodwa manje angisazi.”
Uthe ubemethemba uNala ngenxa yokuthi noyise wakhuluma kabanzi ngaleli bhizinisi esontweni lakhe elibusisa, enxenxa namakholwa ukuba angene kulona.
UNala uthe uyamazi lo okhalayo. “Ngiyamazi usisi okhuluma ngaye futhi uqinisile kwakushoyo. Akuyena yedwa engingamnikile imali, empeleni baningi. Ngicela bangixolele,” kusho uNala. Uthe ibhizinisi libe nezinkinga lawa bhu.
“Ngisemncane futhi angifundile kangako. Ngigajwe yimpumelelo engiyibone lisanda kuqala ibhizinisi kodwa izinto zangahamba kahle. Ngizobakhokhela kodwa angazi nini,” kusho uNala.
Mayelana nezinsolo zokuthi akasabonakali esontweni, uNala uthe uyafika.
“Ngiyazi abantu bazocabanga ukuthi angisezi esontweni ngenxa yale nkinga. Ngiyafika kodwa ngihlale emuva ekhoneni ngoba sengiswele umgodi wokucasha ngaleli hlazo,” kuphetha uNala.