USESUNGULE inhlangano ekhuthaza abesifazane ukuthi bashade sebezimele owesifazane othi walahlekelwa yikho konke kushona indoda sekusele kancane bashade.
UNksz Smangele Molefe (27), wasePort Shepstone, usungule inhlangano ebizwa ngeHuman Power ehlose ukuthuthukisa nokufukula abesifazane ngokomqondo nangokwamabhizinisi. Yize izigameko adlule kuzo bezinzima ucabanga ukuthi bekuyisu likaNkulunkulu ukuze zimqinise asize nabanye besifazane. Ngesikhathi elotsholwa okokuqala uthe owesilisa ayezoshada naye wayengafuni asebenze kodwa wamvumela ukuthi afunde. Uthe wayesezimisele ukuyoqeqeshelwa ukuba yisosha ngoba kubo babengenayo imali yokumyisa enyuvesi.
“Ngenhlanhla umyeni wami wangivumela ukuthi ngifunde ngoba engafuni ukuba nonkosikazi oyisosha. Ngenza iHuman Resources Management eDamelin umyeni wami wagula emuva kokuthi ngithweswe iziqu,” kuchaza yena.
A post shared by Isolezwe(@isolezwe) on Aug 1, 2018 at 4:38am PDT
Uthe umyeni wagcina eshonile izinto zangahamba kahle walahlekelwa nayizinto ayenazo. UNksz Molefe uthe iphutha alenza wukuthi asheshe athandane nomunye umuntu naye owayesemthembise umshado kanti wayengakapholi kahle emuva kokushonelwa.
“Maningi amaphutha esiwenzayo singabesifazane kokunye aholele ekutheni sihlukumezeke. Yingakho ngikhuthaza abanye ukuthi bashade sebenazo zonke izinto ukuze uma kubheda bazimele. Kwesinye isikhathi sidlulela kolunye uthando ngoba sizama ukuziduduza kanti asikapholi. Lokhu kuletha ezinye izinkinga ngoba usuka nezinkinga kolunye uthando ungakapholi,” kusho yena.
Manje ubamba itoho kuMasipala weTheku abuye abe yiPersonal Trainer eVirgin Active. Uke waba uMiss Ugu District, Miss East Coast Fever, Miss KZN Schools wakhangisa nangemikhiqizo yezimonyo.
“Bengivele ngizithanda ezemidlalo kusukela ngimncane. Bengiya ejimini nginePersonal Trainer. Bekuthi uma engezanga ejimini acele mina ngimbambele. Nasejimini bagcina bengicela ukuthi ngijimise abanye. Lona sekungomunye umsebenzi ongingenisela imali,” kusho yena.
Mayelana neHuman Power ayisungule ngonyaka odlule, uthe izosiza nezingane zesikole ukuziluleka zithathe izinqumo ezifanele empilweni. Uthe bazovakashela izikole beluleka abafundi. Ngo-Agasti 4 uzokwenza umcimbi wabesifazane wamahhala abahlomise kwezomphefumulo nakwezomoya eMoses Mabhida Mixed Zone eThekwini.
Umyalezo woMhlel
i: Kule nyanga sizobungaza abesifazane ngokuba nezindaba ezibathinta ngqo ezibathuthukisayo, ezibakhayo, ezibafundisayo, ezibahlomisayo nezibagqugquzelayo. Nsukuzonke kule nyanga sizogqamisa nabesifazane asebephumelele ngehloso yokugqugquzela siphinde sikuvuselele sikukhuthaze ngamazwi obuhlakani akhulunywa yimbokodo engamaqhawe.