OBENGUSOMLOMO wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthi ukusula kwakhe kulesi sikhundla akusho ukuthi uvuma izinsolo zenkohlakalo abhekene nazo.
Ukusho lokhu encwadini yokusula izolo ayithumele iBamba likaSomlomo uMnuz Lechesa Tsenoli.
Kule ncwadi uthe usula njengoSomlomo kanjalo nelungu lePhalamende lakuleli.
“Ngithathe lesi sinqumo sokusula ukuze ngibhekane nezithinta uphenyo ngezinsolo zenkohlakalo eziphenywayo ngigcine isithunzi sePhalamende,” kusho uNkk Mapisa-Nqakula.
Uthe isikhundla sikaSomlomo sibalulekile ekuthuthukiseni izwe ngenxa yokuthi lezi zinsolo abhekene nazo zibucayi, ubone kungcono ukuthi angaqhubeki nomsebenzi wakhe njengomuntu obhekele ukwakhiwa kwemithetho.
“Ngikholwa ngukuthi uma sekufike isikhathi, ngiyokwazi ukukhuluma kabanzi ngalezi zinsolo uma sengibekwe amacala ngokusemthetheni,” kusho uNkk Mapisa-Nqakula.
Uthe umsulwa ezinsolweni abhekene nazo wathi njengelungu le-ANC uchithe iminyaka eminingi elwela inkululeko kuleli.
Elinye lalelo lungelo ngelithi wonke umuntu umsulwa aze atholakale enecala. Unesibopho sokuthi ahoxe esikhundleni nakuba emsulwa.
Uthe uyibhalele ne-ANC eyibonga ngokumnika ithuba lokuhola ezikhundleni ezahlukene.
“Ngisayilungu le-ANC, okuyinhlangano engithembeke kuyona empilweni yami yonke yezepolitiki,” kuqhuba uNkk Mapisa-Nqakula.
Usula nje bekuvele kunengcindezi ebivela kwamanye amaqembu ezombusazwe ukuthi asule.
Ubhekene nezinsolo zokwamukela intshontsho ngesikhathi esanguNgqongqoshe wezokuVikela.
Leli ntshontsho kuthiwa walithola komunye usonkontileka owayethola ithenda emnyangweni.
Kuthiwa wathola intshontsho elibalelwa ngaphezu kukaR4 million, okuhlanganisa nemali ebalelwa kuR2 million, ayeyithola izikhawu ezahlukene.