OBEYISILOMO sohlelo lwantambama kuKhozi FM, uLungisani "Selbeyonce" Mkhize, wamukelwe ngengenhlokomo kwiGagasi FM, emcimbini obuse-aha Gateway Hotel, eThekwini ngoLwesihlanu. USelbeyonce, obesakaza noTshatha Ngobe iWoza Nabangani, wamukelwe ngengoma ka-Alicia Keys noNickie Minaj ethi Girl On Fire.
USelbeyonce wethulwe ezithamelini ebezihambele lo mcimbi yingqalabutho yeGagasi, uNhlahla Alex Mthiyane osakaza uhlelo lwezindaba ezisematheni phakathi nezinsuku ngo-7 ebusuku kulo msakazo. Wabe esemukelwa ngazosakaza nabo uhlelo lwantambama kulo msakazo uSphectacular noDJ Naves.
U-Alex uthe bese kuneminyaka becwaninga futhi bebuza kubalaleli ngomsakazi abadinga azosakaza kulesi siteshi esizinze eCornubia Mall. Uthe bakhona nabanye osaziwayo nabanye abasakazi bakulesi siteshi ebebeluconsela amathe lolu hlelo kodwa bagcina bephume negama likaSelbeyonce.
Eziphawulela uSelbeyonce uthe inkonyane ayithuki isisinga kuye ngoba ikhono lakhe lokusakaza lavumbululwa khona kwiGagasi. Uthe ngakho kumjabulisile ukubuyela ekhaya. Uthe empeleni kwiGagasi waqala enza isikhangiso sebhange ohlelweni lwasekusekuseni i-Alex and The Morning Crew ngo-2008 ngaphambi kokusebenza kwiGagasi njengomsakazi. Okhozini ugcine ngoLwesine njengoba eqale ukusakaza ngokuhlanganyela noSphectacular noNaves kwiFastlane phakathi kuka-3 no-6 ntambama.