KUTHIWA ubehlale ekhuzwa kuthiwa akawuyeke umdlalo oyingozi obizwa ngesitabane owenziwa kujantshi umfana wakwa-E KwaMashu oshayiswe yisitimela washona.
USiboniso Khumalo (14) obefunda uGrade 7, eVilakazi Primary KwaMashu ungcwatshwe ngoMgqibelo emva kokushayiswa yisitimela edlala isitabane.
Isitabane umdlalo odlalwa abafana abancane. Kuthiwa bashaya ama-push up kujantshi kuthi uma isitimela sesiseduze bese beyabaleka. Abanye kuthiwa bama eduze kukajantshi batshekise ihlombe ukuze isitimela sibaqhwithe bangalimali khona kuzothiwa bayizikhokho.
Abanye kuthiwa bazibopha ngentambo babe babili bese bema kujantshi ukuze isitimela sidlule phakathi kwabo sinqamule intambo.
Uyise kaSboniso, uMnuz Sandile Zwane, uthe bebeke bababone abafana bedlala lo mdlalo babakhuze kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.
“Izingane ziyadudana ngalo mdlalo oyingozi noma zikhuzwa azilaleli," kusho uZwane.
UMnuz Zakhele Msomi oyisakhamuzi uthe seziphelile izingane zibulawa yisitabane. “Ayipheli inyanga singangcwabanga ngenxa yalo mdlalo wesitabane,” kusho uMsomi.
Uthe abafana abaningi Kwa-E nasezimpohlweni bayawudlala ukuze ontanga yabo babathathe njengezikhokho. “Lo mkhuba udlange kujantshi omusha osuka esiteshini iThembalethu uye eBridge City. Abafana bakwa-E bafika kalula kujantshi ngoba useduze kwasemakubo,” kusho uMsomi.
Kuthiwa nasemngcwabeni, abangani bakhe bebegibele phezu kwebhasi benza le nto abayenza ezitimeleni.
Okhulumela iPrasa KwaZulu-Natal, uMnuz Zama Nomnganga, uthe ziningi izigameko abahlale bebikelwa ngazo ngezingane ezisuke zibulewe isitabane.
“Sihlale sihambela izikole siyoqwashisa abafundi ngalo mdlalo kodwa kubukeka kunhlanga zimuka nomoya,” kusho uNomnganga.
Uthe umdlalo wokutshuza phezu kwesitimela usuthanda ukwehla wengeza ngokuthi sekubhoke isitabane.
UNomnganga uthe izingane ezenza lo mdlalo azibopheki ngoba zincane.
“Siyazama ukusebenzisana namakhansela namaphoyisa ukuze kubekhona izijeziso esizinika izingane esizibamba zenza lo mdlalo ngenhloso yokuqeda lo mkhuba ,” kusho uNomnganga.