KHETHA SANGWENI
SEWUPHILA ngokuvuka ezintatha uyohlala olwandle umndeni wakwaNtunja, ePort Shepstone, ososizini emuva kokuthi ilungu lawo lithathwe wulwandle alangabe lisatholakala.
Kuthiwa u-Oscar Ntunja (16) umfana ofundayo, usobozelwe wulwandle ngoLwesibili olwedlule ehamba nabangani bakhe bebhukuda.
Uninalume ka-Oscar, uMnuz Sipho Ntunja, uthi umshana wakhe uhambe ewumuntu oyolanda ingane esikoleni bamangele sebezwa ukuthi uthathwe wulwandle. Uthi bebengazi ukuthi uzoqala olwandle ayobhukuda kusho ukuthi bavumelane nabangani ngalokho.
‘’Ubehamba nabangani bakhe ababili abalingana naye base benquma ukudlula olwandle. Kuthiwa bebengena bobathathu bebambene, ulwandle lwamthatha yena abanye lwabachilizela ngaphandle. Afikile amaphoyisa ngebhanoyi amfuna aze ayeka, engamtholi.
“Sivuka ekuseni ngo-5 siye khona sinethemba lokuthi ulwandle luzomkhafulela ngaphandle,’’ kuchaza uNtunja.
Uthi ulwandle beluvaliwe kungavunyelwe muntu ngoba kusavalwe izwe ngenxa yeCorona. Lokhu kudale ukuthi ngesikhathi egwiliza u-Oscar, angasheshi ukuthola usizo ngoba izinhlambi azikho. Kuthiwa abangani bakhe basashaqekile ngoba isigameko senzeke phambi kwabo.
UNtunja uthi abakalilahli ithemba lokuthi bazomthola umshana wakhe futhi abakakhanyisi ngisho amakhandlela ngoba abazi noma ushonile lapho akhona, abanaso isiqiniseko.
‘’Into esikhala ngayo wukuthi sithole usizo lwabantu abayizinhlambi, abakwaziyo ukutshuza emanzini. Kumi yonke into ekhaya umndeni ukhathazekile ngalesi simo. Sihamba size sifike kwezinye izingxenye zolwandle ngoba kuyenzeka lumchithele kwenye indawo umuntu.’’
Uthi usuku nosuku bengamtholi lunzima emndenini ngoba abakwazi ukuqhubeka nempilo bengazi ukuthi kwenzakaleni kuyena.