UKUGOMA kunciphisa amathuba okushona kwabantu ababulawa yiCovid-19 ngo-51%, kuthi ukutheleleka kwabantu ngesifo kwehle ngo-33% kanti izinga lotheleleka kwabantu selingu-3% manje.
Lokhu kudalulwe ngoLwesihlanu nguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Joe Phaahla, ngesikhathi ethula umbiko wamasonto wonke ngegciwane. Uthe lokhu kusho ukuthi sesidlulile isiwombe sesithathu sokuhlasela kwegciwane.
“Lokhu kuyasikhulula njengoba sesidlulile kuleli isiwombe esidonse isikhathi eside kunazo zonke iziwombe, zokuhlasela kwaleli gciwane ezike zaba khona. Lesi siwombe sidonse izinsuku ezingaphezulu kuka-110," kusho uDkt Phaahla.
Uqhube wathi bangu-33.4% abantu bakuleli asebegomelele iCovid-19 kanti uhulumeni uzibekele ukuthi ube usugome u-70% wabantu bakuleli ekupheleni konyaka.
Uthe ngokubona kwakhe, lokhu kusengenzeka njengoba umnyango usanda kwethula umkhankaso iVooma. Wathi umkhankaso uholele ekutheni senyuke isibalo sabantu abagomayo.
Uqhube wathi kusukela kwethulwe umkhankaso abantu abagomayo ngosuku bangu-200 000. Wadalula nokuthi bangu-13 million abantu asebegomile kanti imigomo esisetshenzisiwe iwu-19 million.
"Okukhuthazayo wukuthi usugomile u70% wabantu abasengcupheni yokuthi bangagula kakhulu, uma bengaphathwa yigciwane."
Ubuye waphawula nangesenzo se-UK, sokukhipha iNingizimu Afrika ohlwini lamazwe abethathwa njengayingozi, futhi obekungavumelekile ukuthi abantu bakhona bangene kuleliya lizwe.
UPhaahla uthe ukukhishwa kwezwe lakuleli ohlwini lamazwe ayingozi, kuzovula amathuba kulabo abafuna ukuvakashela e-UK, nalabo abafuna ukuvakashela kuleli abaphuma e-UK.
Lokhu kuthakaselwe nanguNgqongqoshe wezokuVakasha kuleli uNksz Lindiwe Sisulu, wathi iNingizimu Afrika izimisele ukwamukela izivakashi.
"Sijabule kakhulu ngokukhishwa kweze kula mazwe ayingozi. Lokhu kusho ukuthi izitifiketi ezikhomba ukuthi umuntu ugomile ezenziwe eNingizimu Afrika bazozamukela," kusho uNksz Sisulu.