SABELO NSELE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, usefake ngaphansi kweso lomlawuli uMkhandlu waseMadlangeni.
Lo mkhandlu osedolebheni i-Utrecht, ubulokhu ukhungethwe yizinkinga okubalwa ukungahlali kwemihlangano yomkhandlu, izinsolo zenkohlakalo nokumiswa kwezikhulu eziphezulu.
Izolo uHlomuka umemezele ukuthi loyo oke waba yimenenja yalo masipala, uMnuz Velaphi Kubheka, nguye ozoba ngumlawuli kulo mkhandlu.
“Isinqumo sokufaka lo masipala ngaphansi kweso lomlawuli, silandela imizamo eminingi yomnyango wami ukuzama ukuxazulula inkinga yokungasebenzi ngendlela kukamasipala.
“Kusukela ngoMashi nonyaka lo masipala ubulokhu ubhekene nezinkinga nosekuholele ekutheni lungabi khona uzinzo.
“Uhlulekile ukuphasisa ngesikhathi uhlahlomali lwawo lwalo nyaka nokuwukwephula umthetho olawula ukuphathwa kwemali yomkhandlu.
“Usomlomo uhluleke izikhawu eziningi ukuhlalisa imihlangano futhi kunezinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe kumakhansela nezikhulu zomkhandlu.”
UHlomuka uthe kulindeleke ukuba uKubheka aqhamuke nohlelo olujulile lokutakula lo mkhandlu.
“Umlawuli kuzofanele enze isiqiniseko sokuthi kulungiswa wonke amachashazi avele embikweni kamcwaningimabhuku (uMnuz Kimi Makwetu). Kofanele futhi umlawuli aphinde enze isiqiniseko sokuthi kuba khona ukuqondiswa kobugwegwe kulezo zikhulu okutholakala ukuthi aziphathanga kahle izimali zomkhandlu,” kusho uHlomuka.
I-ANC isanda kukhomba indlela isekela lemeya kulo mkhandlu, uMnuz Ntsikelelo Ndlovu.
UHlomuka unxuse amakhansela ukuba asebenzisane noKubheka emizameni yokuguqula isimo.