USOMIZI ugqemeke udume lwengozi kudlula emhlabeni unina, uMary "Mampinga" Twala, ngoMgqibelo.
Lezi zindaba zidalulwe nguye uSomizi ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe uMary (80) ushonele esibhedlela esizimele eGoli iParklane namuhla, okuwusuku okwazalwa ngalo uyise ongasekho, uNdaba "Mshefane" Mhlongo.
"Namuhla wusuku okwazalwa ngalo ubaba (esho uNdaba "Mshefane" Mhlongo ... futhi umama uvele wasabela ngesikhathi embiza eZulwini...Umuthi omkhulu uwile. Ngilimele kakhulu...kodwa ngingabe nginomhobholo uma ngingamkhululi,"kubhala uSomizi.
"...umama uphile impilo yakhe ngokugcwele....wafeza okungaphezu kwamaphupho akhe...kubuhlungu njengasesihogweni...Ngeke ngiqambe amanga...Alukho usuku obeludlula engangifonelanga, ecela ethi 'Ngiyakuthanda' noma 'Ngiphe imali'
"...Ngiyabonga Ningizimu Afrika ngokuthanda lesi sihlabani esingumama...Usishiye ngokuthula ngabo-11 ekuseni esibhedlela esizimele iParklane njengoba kade ngisendlleleni ngiyomnikeza ingubo yakhe.
My tree has fallen........lala Ma pic.twitter.com/CjojR7k2uX
— somizi somGAGA (@somizi) July 4, 2020
"Udokotela wakhe ubengifonelile engazisa ukuba ngize ngoba usevukile futhi uzijabulele...Ngifike engasekho...Lala ma!"
UMampinga wadlala emidlalweni yethelevishini nasemafilimini okubalwa kuwo i Sarafina, Beat The Beat, Hopeville, Leading Lady, Ubizo.
Kubantu abadlulise amazwi enduduzo kubalwa uNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, umculi uLady Zamar, umlingisa uThembisa Mdoda-Nxumalo nabanye.