UMANGAZE abaningi usomatekisi waseMtshezi osize ugogo obehamba nemibungu yamawele endodakazi ashone esenezinyanga ezinhlanu.
Lokhu kwenzeke ngempelasonto edlule ngeSonto erenke yaseBhekuzulu. UNkk Zandile Hadebe uye waphoqeleka ukuthi ayowalanda ngesikhwama esibhedlela amawele, wawaphatha njengezimpahla. Kodwa inkinga ibe serenki ngesikhathi edlula amatekisi aze aba mathathu ngesimo sokuthi ubehlele ukuyohlala ngemuva etekisini, okuze kwamphoqa ukuthi achazele oyimenenja erenki wayogcinwa ehhovisi ukuze atholelwe usizo.
UNkk Hadebe uthe uyinikeziwe esibhedlela incwadi emgunyazayo ukuthatha imibungu, yaze yagxivizwa nasesiteshini samaphoyisa kodwa waba nenkinga yokuthi akanayo imali yokuqasha imoto ezoyisa imibungu ekhaya. Wanikela etekisini kodwa kwacaca ukuthi akuhambi kanjalo waze wayosizakala ehhovisi.
"Angisathandi ukukhuluma ngale nto ngoba sengihlukumezeke kakhulu. Kodwa ngeke ngithi angisizakalanga. UMnguni ungenzele into enkulu, wangafuna ngisho isenti ngosizo lwakhe. Kuningi ukukhuluma esengikutholile, yingakho ngingasathandi ukukhuluma ngalolu daba, ningixolele,"kusho uNkk Hadebe.
UMnuz Vusimuzi Mnguni waMangwe Bhekuzulu Taxi Association, uthintwe esehambe ibanga eliwu-18km ephuma edolobheni wajika wanikela ehhovisi ukuyosiza ugogo nendodakazi yakhe.
Okwamthinta kakhulu yisimo sikamama uma echaza ukuthi uyafisa ukuyofihla abazukulu ekhaya kodwa akanayo imali yokuqasha imoto, ekubeni ehhovisi labo kuhlala kugqugquzelwa ubuntu nokubambisana nabagibeli.
"Imali esiyithola ematekisi sisuke sisekwa wumphakathi. Uma nathi kukhona usizo esingalwenza siyazama silekelele. Ngokwesintu uma umuntu esize esimweni esifana nalesi kuyaye kugcinwe isiko lokususa leso sithunzi. Umndeni ukwenzile wakhipha R4, sakwenza sadlula kukho. Ehhovisi lethu nakubashayeli sikwenza kube yisiko ukusiza futhi siyabakhuthaza abantu ukuthi bayobika ehhovisi, bakhona abaphethe abangabona ukuthi basizwa kanjani,"kusho uMnguni.
Ephetha uMnguni uthe uyafisa kuvele ukuthi ngaphandle kukaNkk Hadebe bakhona nabanye abantu nabafundi ababalekelelayo, bayonikela nangemifaniswano yesikole.
Inhloso yabo enkulu uthe wukukhombisa ukuthi nosomatekisi banabo ubuntu futhi bayafisa ukuthi umphakathi wangakubo usizakale ezimweni ezahlukene.
Ekhasini lendawo kuFacebook, umphakathi ulokhu umncome njalo uMnguni ngesenzo sakhe, kanjalo nabalaleli beVuka Afrika Breakfast Show kuKhozi FM lapho kuqale khona lolu daba.