ULAXAZE umsebenzi wokushayela amatekisi wabuyela edeskini wayofunda nezingane zakhe ukuze afeze iphupho lakhe lokuba nguthisha.
UMnuz Khulekani Simelane (41) waseKhenani, KwaNongoma, ngomunye wabafundi abadala abebenza u-matric nyakenye KwaZulu-Natal.
Eminyakeni emithathu edlule wabuyela esikoleni aphothula kusona u-matric ngabo-1995 ePhumanyova High, KwaNongoma eyocela ukuthi abuyele edeskini ukuze aphucule u-matric wakhe.
Uthishanhloko walesi sikole esithole u-100% nyakenye, uMnuz Zibuse Ncala, uthe wayecabanga ukuthi uyadlala uSimelane uma ezocela ukuthi abuyele esikoleni ukuze azophucula u-matric wakhe.
Wabiza othisha wabatshela ngalesi sicelo, bavumelana ukuthi angabuya yize umthetho ungavumi ukuthi umuntu omdala kanje abuyele ezofunda nezingane.
“Ngangingeke ngimncishe ithuba ngoba wangitshela ukuthi ufuna ukwenza impilo engcono yezingane zakhe njengoba efuna ukuba nguthisha. Ulwazi lunamandla ngakho kwakubalulekile ukuthi aluthole, afeze amaphupho akhe njengoba ayekhala ngokuthi uma ngase afe ngeke azishiyele lutho izingane zakhe,” kusho uNcala.
Uthe wabe esemtshela ukuthi uzoqala kwaGrade 10 ukuze bambone ukuthi wenza kanjani.
“Uphasa kahle, ngisho nezivivinyo zamakota zakwa-matric wenze kahle. Angingabazi ukuthi uzophasa ngoba ubebambisene kahle nothisha, ehlonipha. Ngimfice ngelinye ilanga eshanele ikilasi ngoba bezofunda ntambama, ubeyisibonelo nakwabanye abafundi.”
USimelane uthe uyeke ukushayela amatekisi ngoba ezamele izingane zakhe ikusasa elihle.
“Umfana wami wokuqala uphasele kwa-matric kulo nyaka, nyakenye ubenza uGrade 11 Besigqugquzelana naye, singalali singafundanga. Ngabuyela ngoba ngifuna ukushiyela impilo engcono izingane zami ezimbili. Ngaqeda isikole ngashaya isicabha etekisini, ngaze ngadlulela ngaba ngumshayeli njengoba ngigcine ngibuyele esikoleni.”
Uthe ebuyela kwaGrade 10 kwakunzima ngoba nabafundi babembuka ngenye indlela.
“Manje bese kujwayelekile. Bengifundiswa othisha abancane ngeminyaka kodwa ngibahlonipha ngoba ibona abanginika ulwazi. Ngibonga angiphezi ngolwazi nokwesekwa engikuthole esikoleni kanjalo nakuthishanhloko.”
Uthe ufake isicelo soxhaso lwezimali ukuze enze izifundo zobuthisha.
Ubenza iBusiness Studies, Consumer Studies, Maths Literacy, Life Orientation, isiZulu, English, Drama neTourism.
Uphase ngeBachelor * -matric wakhe okusho ukuthi uzokwazi ukungena enyuvesi.
“Ekhaya kunodadewethu osanda kusebenza njengomhlengikazi, nguyena osondlayo. Bangesekile ekhaya kakhulu ngithi ngibuyela esikoleni nakuba bangibuzisiza ngibatshela ukuthi ngiyofunda.
“Kunzima uma usujwayele ukuba nemali udla noma yini kodwa uma wazi ufunani imali yinto oyibeka eceleni ukuze ufeze iphupho lakho,” kuphetha uSimelane.