UMQONDISI egaragi likaphethroli iBP, elisemgwaqweni uMoore Road eThekwini, uNkk Thandi Ngxongo uthi kumthobise kakhulu ukuklonyeliswa ngendondo ngomsebenzi wakhe eDubai.
UNgxongo uklonyeliswe ngendondo eyaziwa ngokuthi iWomen of Stature Award ngaphansi komkhakha wabesiMame kuWoyela neGesi.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe, uNkk Ngxongo uthe konke kuqale maphakathi nonyaka odlule lapho abahleli balezi zindondo, iWomen of Stature Foundation bemazisa ukuthi kukhona abathile abaphakamise igama lakhe ukuba lingenele kulezi zindondo.
“Umuzwa wokuthi kukhona abantu ababona igama lami likufanele ukuthi liphakanyiswe kuyinjabulo enkulu kimi. Lokho nje kukodwa kunginike umcabango wokuthi kukhona abantu abawabonayo amagalelo ami,” kusho uNkk Ngxongo.
“Ngesikhathi ngithola umyalezo uvela kubasunguli bezindondo ngathuka kakhulu kodwa ngazitshela ukuthi leli thuba angeke ngiliyeke, ngizongenela,” kusho uNkk Ngxongo.
Uthe ekuqaleni kwalo nyaka, kube sekuqala ukuxhumana phakathi kwakhe nabezindondo mayelana nezigaba okufanele azithathe emncintiswaneni wokuwina indondo.
“Phakathi kwezigaba, bekufanele ngibanike uhlaka (portfolio) olukhombisa ubufakazi bokusebenza kwebhizinisi, ukwenza inhlolokhono lapho bekubhekwa khona umuntu siqu sakhe, ubuholi ebhizinisini, emphakathini, neqhaza umuntu alibambayo emphakathini,” kusho uNkk Ngxongo.
“Indlela engizizwa ngayo ayichazeki. Ngiyakholelwa ekutheni bonke abesifazane ebesingenele nabo, bangabanqobi, wukuthi nje kulesi sikhathi bekuyithuba lami ukuthi ngikhazimule. Le ndondo ngiyithatha ngokuqonda ukuthi usemkhulu umsebenzi osangihlalele ukuthi ngiqhubeke nokuthinta izimpilo zabantu abaningi,” kusho yena.
Akukona okokuqala ehlonishwa ngendondo uNkk Ngxongo njengoba eke wawina enye kumaSHE Global Awards ngoMashi nonyaka, enye kwiNedbank Womandla ngo-2018, nenye kwiStandard Bank KZN Top Business Awards.
Uyale osomabhizinisi abasafufusa ukuthi abaqale lapho bekhona, ngalokho abanakho.
Echaza ngamabhizinisi anawo, uthe mane esewonke, kuwona yileli legaraji kuphela ahambe wayofuna uxhaso ukuze aliphembe, amanye uzihlanganisele ngamasenti amancane abenawo.
Ebala amanye awenza eceleni uthe, unekhishi elidayisa ukudla kwesintu okuvuthiwe, aphinde aqashise ngezindawo zokuhlala namahhovisi. Uveze nokuthi unenhlangano engenzi nzuzu, Uthandekile Foundation, ayisebenzisa ukubuyisela emphakathini ngezindlela ezahlukene.