UMNUZ uXolani Zwane olimale behilizisana nabaqaphi bomfundisi odumile Isithombe: SITHUNYELWE UMNUZ uXolani Zwane olimale behilizisana nabaqaphi bomfundisi odumile Isithombe: SITHUNYELWE
USINDE ngokulambisa usomabhizinisi waseMnambithi uMnuz Xolani “Maxode” Zwane odutshulwe ngabaqaphi bomfundisi odumile ngempelasonto.
Elandisa leli phephandaba uMaxode, ongumnikazi wenkampani eqashisa nge-sound system futhi ehlela nemicimbi iMaxode Events and Projects, uthe ubeqashe inkundla iSettler’s Park eMnambithi efake ama-screens okubuka imidlalo.
“Bengenze i-fan park yokubuka AmaBhokobhoko nomdlalo weChiefs nePirates. Kuthe uma usuphelile owePirates sase sizihlalela namajita. Kufike abefundisi beza kimi bacela ukusebenzisa indawo. Sivumile ukubadedela ngoba bese siqedile futhi baqashe nesteji kimi,” kusho uMaxode.
Uthe abafike kuye bathe bangabebandla eliholwa ngumphrofethi odumile waseGoli odume nangezintshumayelo eziteshini ezahlukene zethelevishini.
Uthe uthumele abasebenzi bakhe ukuthi beyolanda izinto lapho zihlala khona ukuze bezoxhuma.
“Babuyile abantu bakamfundisi singakaqedi ukuqoqa enkundleni. Abafana bami bathe bayangena onogada bakamfundisi babavimba bathi akusangeni muntu. Bathe bayachaza bashaywa babiza mina.”
Uthe uyile esangweni ethi uyobuza ukuthi bashayelwani ngoba baqashiwe ukuzosebenza.
“Bathe mina ngingenaphi. Ngithe ngiyachaza ukuthi ngiqashiwe ukufaka i-sound nesteji bathi kwamina angiphume ngiphele enkundleni. Bathe bazobala kahlanu. Babalile base bengidubula edolweni. Bangiphinde nasesiswini. Sengibona ukuthi ngiyopha abafana bangiphuthumise esibhedlela,” kusho uMaxode.
Uthe esasesibhedlela necala engakalivuli, umsebenzi wakhe walivula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uqinisekise ukuthi kunecala lokushaya elivuliwe.
“Ummangali uthe ngoNovemba 2, 2019 ngo-7.30 ebusuku wayeseSettler’s Park eMnambithi, ukugxumeka isteji ngesikhathi evinjwa ngamadoda ayisithupha ukuthi enze umsebenzi wakhe. Omunye wamadoda wamshaya ngesibhamu emlonyeni walimala. Kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza esiteshini samaphoyisa aseMnambithi ukuthi liphenywe,” kusho uCol Mbele.
Omele ibandla ocele ukuthi angadalulwa uthe abantu abebefaka isteji bafike kubona nomphathi wabo bedakiwe bangabaphatha kahle nokwenze ukuthi abaqaphi bakamfundisi bagcine sebehluthukelwa yizinhliziyo.
“Kukhona ukuxabana okwenzekile kwaze kwaliwa kwakhona nokudubula kodwa umfundisi ubengekho endaweni yesigameko, labo abamfakayo bazama ukudicilela phansi isithunzi sebandla kodwa yonke le nto siyayiqonda ihambisana nenzondo yabefundisi eqhubekayo,” kusho omele ibandla.