ENYE yezimpunyela eziyikha ngamafosholo kuleli, uMnuz Johann uRupert, ikhwele yadilika kwabachitha izimali zabo ezindaweni zobumnandi kunokuyitshala kuleli.
URupert uveze lokhu engxoxweni nomsakazi wePower FM uGiven Mkhari ngoLwesibili. Le njinga isolwe abaningi ngokwedelela nokucwasa ngobuhlanga njengoba kade ekhuluma enganabukelisi.
Uthe akayizwa kahle indaba yabantu abajaha ukuphila impilo yobukhazikhazi esikhundleni sokuba banake inqubekela phambili yabo.
‘Ngake ngahlangana noSteve Biko esemncane cishe wayeneminyaka ebalelwa ku-20 ubudala. Angikhumbuli ukuthi wayephansi phezulu nempilo yasematshwaleni.’
Uthe intsha yakuleli kufanele ishintshe ukwenza ihloniphe nabantu abadala abaphambi kwayo. Uthe abantu abamhlophe kudala elakuleli lingakakhuluki babematasa ngokufunda nokonga imali abakaze balibale yimpilo yobukhazikhazi ephezulu. URupert ukuphikile ukuthi umndeni wakhe wahlomula ngaphansi kwenqubo yobandlulo. Abantu abaningi abebelalele bagcine sebesola lo msakazo ngokunika uRupert ithuba lokwedelela abantu abamnyma bukhoma emoyeni
Iqembu eliphikisayo kuleli i-EFF iphawulile kulolu daba ithi yona kade yaqala ukwexwayisa abantu ngendaba kaRupert.
‘Siyajabula ukuthi izwe lonke selize lambona uRupert ukuthi ubusw aumoya wokucwasa abantu. Ungungxiwankulu onomhobholo wokufuna ukuzicebisa yena okunye nabanye abantu akanandaba nakho,’’kusho i-EFF esitatimendeni.