USAPHITHENE amakhanda umndeni womlisa (23) waseMelmoth okuthiwa uklabhe wabulala uyise nomzala wakhe ngocelemba.
Umndeni kaMnuz July Sikhakhane (40) waKwaNgqekwane, eMelmoth, usashaqekile ngesigameko sokubulawa kwakhe nendodana kamfowabo, uMnuz Khumbulani Sikhakhane (24) okuthiwa babulawe yindodana yakhe ebihlala ngokuhlupha.
Kuthiwa uSikhakhane nendodana kamfowabo batholakale ngoMsombuluko ekuseni beshonile benamanxeba okugencwa.
USikhakhane ubegencwe ekhanda, esifubeni nakwamanye amalungu omzimba, amaphaphu akhe evele ngaphandle.
UKhumbulani naye ubegencwe ekhanda nakwamanye amalungu omzimba, isandla sakhe sigencwe saphinde saboshwa ngebhandishi.
UNkk Qedani Sikhakhane ogane omunye wabafowabo bakaSikhakhane uthe inkosikazi kaSikhakhane engamzali umsolwa ifike ekhaya iphuma lapho kade ibalekele khona ibalekela umsolwa, ngesikhathi izithela phezu kwezidumbu, esomyeni wakhe nesikaKhumbulani.
Uthe inkosikazi kaSikhakhane beyilokhu ibaleke ekhaya ngeSonto ebusuku yayolala kwamanye amalungu omndeni ahlala eduzane ngoba isatshiswa umsolwa.
“Unina omncane walo mfana ubone kungcono abaleke ayolala emndenini ngoba esukelwa nguye.
“Ngesikhathi unina omncane ebuya akazange angene endlini kodwa uqale ngokuqoqa izinkuni ethi ufuna ukubasa umlilo.
“Uthe uma eseyobheka umentshisi endlini wafica izidumbu, esomyeni wakhe nesikaKhumbulani zigenciwe,” kusho uNkk Sikhakhane.
Kuthiwa indodana kaSikhakhane beyifike KwaNgqekwane ngoLwesithathu olwedlule ivakashile kodwa yafikela kayisekazi wayo.
Ize yafika kubo ngeSonto ntambama ivela komunye umcimbi nokuyilapho isuse khona uthuthuva ixabana nonina omncane.
Kukholakala ukuthi iboshwe amaphoyisa isibuyele emzini kababekazi wayo.
Kuthiwa izisholo yona yathi laba ibabulale ngehora leshumi ebusuku ngeSonto kodwa ayizange isho ukuthi ibabulaleleni.
UNkk Sikhakhane uthe umfowabo kamyeni wakhe ubevamile ukusho ukuthi ukholwa ukuthi indodana yakhe iyogcina imbulele ngenxa yendlela ebiziphatha ngayo uma ifikile nangendlela ebikhuluma ngayo naye.
“Ubevame ukusho ukuthi lo mfana uyombulala. Lo mfana uke wathi ufuna amnike ingxenye yemali ayithola ngokudayisa izimbuzi nezinkomo. Ubethi uma efikile abe ngumuntu onodlame,” kuchaza uNkk Sikhakhane.
Uthe lo mlisa ubevele engaphandle ngebheyili ngelinye icala njengoba esolwa ngokwenza lesi sehlo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi lo mlisa uboshiwe nokuthi kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi eMelmoth maduze. “Kuvulwe amacala amabili okubulala. Isikhali okusolakala ukuthi sisetshenziswe kulesi sigameko sitholakele sagcinwa njengengxenye yobufakazi,” kusho uCol Mbele.