UMSAKAZI weGagagsi FM usolwa ngokunqwaha noR30 000 okuthiwa wayewuboleke ngasekupheleni kukaJanuwari nonyaka ngesikhathi esezoshadelwa.
UKhulekani Mbambo owethula uhlelo lwasekuseni iManifest ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngehora lesine kuya kwelesithupha unekwe kuFacebook ngoLwesine.
Ufakwe ngowayenguthisha wakhe esikoleni iMqhawe High, uMnuz Dumisani Gumbi waseNtuzuma oveze ukuthi usekhathele ukumhubha efuna imali yakhe.
Ngemuva kokuthi uGumbi efake umbhalo wokuthi uKhulekani ophinde abe nenkampani ye-Landscaping, iMageza Landscapes akasafuni ukumkhokhela uR30 000 wakhe ayemboleke ezoshadelwa, kuvele omunye wesifazane naye okhale esifanayo.
Lo wesifazane @ Nondumiso Malinga Zindela ubhale kanje: “Awuwedwa weDumisani Gumbi nami ngakhokha R30 000 ezolungisa igceke ekhaya kanti inyanga azoshadelwa ngayo leyo. Washadelwa ngayo imali yami kuze kube inamhlanje akakaze ayibuyise, kuyayiwa ezulwini weJesu!”
Abanye bazwakalise ukudumala ngezinsolo ezibekwe uKhulekani ngoba bamazi njenge nceku yenkosi eshumayela ivangeli emsakazweni.
UKhulekani uphinde acobelelane ngamazwi aseBhayibhelini ohlelweni, iSunday Devotion olwethulwa uNomfundo Dazzling njalo ngeSonto ekuseni.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uGumbi uthe uboleke uKhulekani le mali ngoJanuwari 25 ngemuva kokumbikela usizi lwakhe.
Uthe wafika kuye ecwebise izinyembezi ethi usecabanga nokuhlehlisa umshado owawususondele ngenxa yokuswela imali.
“Waqala waboleka uR60 000, wabe eseyehlisa kwaba uR30 000. Umfana engimaziyo engangimfudisa esikoleni eMqhawe.
"Ngazi ngisho abazali bakhe. Ngokumzwela ngamsayinisa inkontileka embophezelayo ukuthi uzoyikhokha imali yami,” kusho uGumbi.
Uthe kumsizile ukuthi amnekele izwe uKhulekani ngoba kunemali enguR10 000 amthumelele yona.
Uveze ukuthi uKhulekani ubesengaziphenduli ngisho nezingcingo zakhe okwenze wabona ukuthi usebalekela ukumkhokhela imali yakhe.
Ethintwa uKhulekani uvele wavala ucingo ngesikhathi Isolezwe ngeSonto limbikela ukuthi libhala lolu daba.
Okwesibili beselukhala lungabanjwa ucingo lwakhe.