UKHALA ngomasipala ‘osaba abelungu’ umlingisi wethelevishini, okuvalwe indawo yakhe yezokungcebeleka isigubhukane.
INtusi Lounge ebivulwe ngaphansi komasipala waseMlalazi ivalwe ngoLwesine oludlule emva komyalelo ophuthumayo kamasipala obuqondiswe kuXolani Ngema ongumnikazi odlala kwiSethembiso nakwiRhythm City.
Uthi lo masipala wathi akaliqale ibhizinisi, bathi amaphepha amgunyazayo uzowathola endleleni sekudlule isiphithiphithi sikaDisemba. Uthi kodwa kuthe eselivulile leli bhizinisi, kwanezimbangi zabelungu nazo ezinamabhizinisi athi awafane nelakhe, zakhononda ngokuthi unomsindo. Kule ndawo uthi bekuhlale kugcwele, kukele nezimoto. Uthi izinkinga ziqale ngokuthi anikwe imibandela yokuthi akavale nini, kungekhona ukuthi kuthiwa ibhizinisi lakhe alikho emthethweni.
“Kuqale kwathiwa angivale ngo-12 ebusuku ngavumelana nalokho, ngavala. Kwabuye kwashintshwa futhi kwathiwa angivale ngo-10 nakhona ngazibophezela ekutheni ngizokwenza ukuze kuqhubeke ibhizinisi lami. Emva kwalokho-ke kuvele kwaqhamuka incwadi engiphoqa ukuthi ngivale thaqa,” kusho uNgema okhala ngokuthi unenqwaba yabantu asebaqashile.
UNgema uvalelwa le ndawo nje kule nyanga ubengene ezindlekweni zebhizinisi wakhokha u-R90 000 werenti, wathenga igilosa kaR14 000, imishini ka-R22 000 kanjalo nezinsiza kusebenza zika-R2 800. Ngaphandle kwakho ukhala nangokuthi kunemindeni esekuphele iminyaka emibili eyondla zinyanga zonke ngegilosa ka-R1 300 ngawodwa nokungamphazamisa njengoba ebeselondoloze imali ngaleli bhizinisi.
Oyimenenja ebambile kumasipala uMnuz Zakhele Mhlongo, uthe uNgema akazange axhumane ngendlela neminyango efanele, wafaka isicelo selayisensi maqede wajaha ukuhweba isicelo sisacutshungulwa. Uthe izikhalazo zaqhamuka kumakhelwane onendawo yokulala ngoba izivakashi zilwa zifuna ukubuyiselwa imali yazo ngenxa yomsindo. “Ngokohlelo lwedolobha, indawo ayisebenzisayo ihlonzwe njengeyokuhlala. Ukuze ilungele lolu hlobo lwebhizinisi, kumele afake kabusha isicelo sokuthi ishintshwe (rezoning). Ngenxa yokuthi ibhizinisi libandakanya izimbiza zikaFaro, kulukhuni ukuthi isicelo sakhe siphumelele ngoba isondelene nesonto."