Izindaba

Usola ubudedengu bamaphoyisa adubule 'ngephutha' itekisi yakhe

Zimbili Vilakazi|Published

ITEKISI okuthiwa idutshulwe ngamaphoyisa ngephutha, eyifanisa nenye ebiduniwe

Image: ARRIVE ALIVE

USOLA ubudedengu bamaphoyisa umnikazi wetekisi okuthiwa idutshulwe ngamaphoyisa ngephutha eyifanisa nenye, kwalimala abagibeli eBurnedale Farm, eBallito, ngoMsombuluko ebusuku. 

Kulesi sigameko okuvela ukuthi amaphoyisa adubule amahlandla abalelwa kwayisishiyagalombili ngemuva, kulimale abagibeli ababili.

Kuvele ukuthi laba abalimele, bebehleli ngemuva etekisini, baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bayonikwa usizo lwezempilo.

Ngokusho kukaMnuz Den Ndlovu, itekisi yakhe ebadakanyeke esigamekweni isebenza ngaphansi kukasoseshini iDolphin Coast. 

Elandisa ngesigameko, uthe umshayeli wetekisi ubesuka eBallito, ethwele abagibeli ebebeya eTete. 

Uthe ngesikhathi itekisi ihamba emgwaqweni onguthelawayeka uN2, ubelokhu elandelwa yimoto yamaphoyisa, ebizikhanyisele amalambu aluhlaza.

Uthe akukho obekukhombisa ukuthi njengoba ilandela itekisi, ililandela ngoba ifuna lime.

“Kuthe kungakapheli amamitha abalelwa ku-100, ijikile emgwaqweni uN2 ingena kuR102, aqala amaphoyisa adubula, ebhekise etekisini,” kusho uNdlovu.

Uthe umshayeli uqale wazitshela ukuthi kuqhuma isondo kodwa kwathi uma kuqhubeka, wabona ukuthi itekisi iyadutshulwa.

UNdlovu uthe uyabufuna ubulungiswa ngokulinyazelwa itekisi ngento ebingahlangene nayo.

“Engikuthole ngesikhathi ngifika endaweni yesigameko, ukuthi itekisi yami idutshulwe ngephutha, ibifaniswa nenye okuthiwa iduniwe. Bathe izinombolo zayo ezicishe zifane nezaleyo eduniwe,” kuchaza uNdlovu.

Usole amaphoyisa ngokwenza umsebenzi wawo budedengu, wathi uzohlwaya izeluleko zomthetho.

“Bekufanele akhalise umsindo emotweni yawo, ukuze amkhombise ukuthi afuna ame. Ubezoma ngoba ubengahambi nangesivinini esiphezulu,” kusho uNdlovu. 

Uqhube wathi ngisho ebengamdlula ayomvimba ngaphambili, bekuzolekelela kakhulu lokho.

“Bekuzothi ngesikhathi imoto yawo isilinganisene netekisi, babone ukuthi izithwalele abagibeli, bese beyabona ukuthi akuyona le abayifunayo,” kubeka uNdlovu.

Uthe akaphathekile kahle ngesehlo.

“Ngizohlwaya izeluleko zezomthetho, ukuze ngikwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele, ngithole ubulungiswa,” usho kanje.

Uthe uzwe kuthiwa sibi isimo sabagibeli abaphuthunyiswe esibhedlela, wathi nomshayeli wakhe usathikamezekile emqondweni. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, uthe amaphoyisa aseMhlali aphenya amacala amabili okuzama ukubulala kulandela isigameko esenzeke emgwaqweni uSalt Rock Link ngoMsombuluko.

“Amaphoyisa athole umbiko wokuthi imoto eyebiwe ibonakele kuN2, okuholele ekutheni kube khona ukujahana nayo,” kusho uCapt Ndlovu.

Uthe emva kokuzama kaningi ukuyimisa kodwa ingami, nokubona ishaya indiva isimo sokuphepha kwezinye izimoto ezisebenzisa umgwaqo, amaphoyisa avulele ngenhlamvu eyimisa. 

“Kulimale abagibeli ababili, akekho oshonile futhi akekho oboshiwe,” usho kanje.