BASOLA ozakwabo ebuthisheleni abomndeni kathisha, okuthiwa ushone isigubhukane, kulandela ukungenelwa yizigebengu, ezimfune izindodla zemali yempesheni.
UNkk Sizakele Biyela (61) waseNkangala, eNkandla, ushonele esibhedlela sendawo ngoLwesithathu olwedlule, kulandela ukungenelwa yizigebengu ngoLwesibili.
Elandisa ngodaba umyeni kamufi, uMnuz Mtobozeni Biyela, uthe abasolwa abane babangenela ngoLwesibili olwedlule, ngezikhathi zasebusuku.
Uthe yena wayesecambalele ekameleni labo, umufi kade ehleli nendodana yabo kwelinye ikamelo, eyozela, yalala.
“Wasukuma waqoqa isitsha eyayikade idla ngaso, wasiyisa ekhishini. Esekhona ekhishini, kwezwakala umsindo omkhulu kanti abasolwa sebebhodloza umnyango, bangena ngaphakathi,” kusho uBiyela.
Uthe waphuma ekameleni ezobheka ukuthi kwenzekani, wazithela phezu kwabasolwa abane, beqhuba umkakhe bezomfaka ekameleni labo.
Uthe ngaleso sikhathi indodana nayo yaphaphama kodwa yacasha ku-wardrobe, wathi sebebahlalise phansi ekalemeleni, bathi kumkakhe "wena gogo sifuna izikhiye zemoto yakho nama-millions asanda kuphuma empesheni".
“Baze bathi obathumile ubatshelile ukuthi isiphumile le mali,” kusho uBiyela, okuqinsekisile lokhu, ethi umkakhe ugcine emsebenzini ngoDisemba 2024.
Uthe umkakhe wayelokhu elandule njalo, ethi akanayo yena imali, wathi ngaleso sikhathi babengasamboni umsolwa wesine, sekungabathathu abanabo shaqa, behla benyuka endlini.
“Babelokhu beqoqa okunye ababekufuna, okukhona kukho amaselula, amakhadi asebhange, kanjalo ne-laptop kamufi,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi indodana yabo izivalele ku-wardrobe, yafaka iselula ku-silent, yase ithumela umyalezo wokuthi bavinjezelwe yizigebengu ekhaya kwi-WhatsApp yomndeni.
“Yaphuma ku-wardrobe, yazithela phezu kwabasolwa, abayiqhuba bayiletha kithina. Baqhubeka nokufuna imali kunkosikazi, bagcina sebethi njengoba egoloza nemali, okusho ukuthi akayithandi indodana yakhe,” kusho uBiyela.
Uthe lokho umkakhe wakuhlaziya njengokuthi bazoyidubula indodana yabo uma eqhubeka nokugoloza nemali.
“Wagcina esethi imali ekhona isekhadini lakwaCapitec,” usho kanje.
Uthe leli khadi lalino-R7 000 kuphela abagcina bengakwazanga ukuwuthatha njengoba wawulokhu ufuna imicikilisho yokushuthwa kwesithombe, ukuze bakwazi ukuyikhipha.
Uthe bathikanyezwa ukufika kwamaphoyisa, acabanga ukuthi ayesethintwe esinye sezihlobo ezikwi-WhatsApp.
Uthe amaphoyisa aphambana nalezi zigebengu esangweni ngemoto.
“Athi uma efika ngaphakathi endlini, athola ukuthi kungenzeka ukuthi abasolwa yibo laba aphambane nabo ngemoto, aqala phansi abajaha,” usho kanje.
Uthe imoto yabasolwa yagcina igingqika kwelinye lamajika endaweni, kwabanjwa umsolwa oyedwa, eseziyise emaphoyiseni, eyothi ubedunwe imoto.
“Athi uma embona ukuthi ulimele engalweni futhi nodaba lwakhe aluhlangani, asola ukuthi ungomunye wabasolwa,” kusho yena.
Uthe ngobusuku besehlakalo, yena nendodana baya kobhalisa isitatimende emaphoyiseni, beshiya ngemuva umkakhe.
“Sabuya ekuseni esekhwehlela, ekhala nangokuthi kukhona into emi esifubeni. Sagcina simphuthumisa esibhedlela okuyila agcine eshonela khona,” usho kanje.
Uthe basola ukuthi ukhona ushevu owafakwa abasolwa emanzini abamphuzisa wona ngosuku lwesigameko.
Uqhube wathi ukufika kwezigebengu kwakhe, zilibeke ngesihloko elokuthi zizofuna ama-millions empesheni, kusho ukuthi zazithunywe ngabantu abanolwazi olugcwele.
“Asiboni ukuthi kungaba umuntu womndeni. Sisola abesebenza nabo ngoba nabo bangaba nolwazi uma impesheni isiphumile,” kusho uBiyela.
Uthe kukhona abeke abacele ukuthi basize ngokumthumelela imali yasenyuvesi yezingane besebenzisa i-app yasebhange lakhe.
“Mhlawumbe bebebuye bapopole ukuthi njengoba ethi abamthumelele isamba esithile enyuvesi, kukhona malini ebhange lakhe,” usho kanje.
Nokho uthe bazolinda uphenyo lwamaphoyisa ngokwenzekile, bese belinda nomphumela wokuhlolwa kwesidumbu, ozocacisa ukuthi yini ethathe impilo yenkosikazi yakhe.
"Sesiyasaba ukuhlala endaweni ngoba bagcine bengayitholanga imali. Sinovalo ngoba asazi noma bazobuya yini."
Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ngalolu daba ayiphumelelanga.