UKUFANISE nemana evela eZulwini ukufika komvalelandlini umfundi waKwaMsane, eMtuba, uPhumlani Zuma (17) ohlonishwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, uNkk Angie Motshekga, ngokwenza kahle.
Lo mfundi kulindeleke aphinde ahlonishwe yisifundazwe namhlanje ngokwenza kahle.
UPhumlani, obefunda uGrade 12 eNomathiya Technical High, uthi uthaqa umnike isikhathi esanele sokufunda.
Uthi azimnikanga inkinga izifundo abezenza okuyisiZulu, isiNgisi, iLife Orientation, Technical Maths, Technical Science, Technical Engineering, neGraphic and Design
Uthi ubeqengqeleza phambili ekilasini ngoba ubesesuke eyazi into efundiswa uthisha. Ngesikhathi sezivivinyo uthishomkhulu ubathathe wabahlalisa ngaphakathi esikoleni, befunda kuze kushaye u-11 ebusuku nsukuzonke.
“Incwadi bengiyifunda ngiyiqede ngedwa kufane nokuthi sengiyabuyekeza uma esengifundisa uthisha ekilasini. Kwesinye isikhathi bengize ngimlungise uma enza iphutha,” kusho uPhumlani.
Uthole isimemo sokuklonyeliswa kwabafundi ababaqwaqwade bonke emakhanda esivela eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, esifundazweni, nasesifundeni uMkhanyakude.
Uthi ubechitha isikhathi ngokufunda, ezimbandakanya nabantu abaphumelele nabazikhandla ngemfundo edlala ne-chess abebuye angenele imincintiswano yayo.
Lesi siqengqe sifuna ukwenza iziqu zeMechanical Engineering phesheya kwezilwandle esithe kuvulelana indathane yamathuba omsebenzi.
UPhumlani uthole ukwesekwa nokugqugquzelwa nguyise uMnuz Sibusiso Zuma owayenguthisha wesiNgisi neHistory eMfolozi High osathatha umhlalaphansi, waphinda wagqugquzelwa ngunina ongumsebenzi wasendlini esiteshini samaphoyisa eMtuba.
UZuma uthi uthando olujulile lwemfundo olukhonjiswe uPhumlani lumenze basondelana kangangoba uze wamxhumanisa nabanye othisha khona ezofunda amakilasi engeziwe.
Uyise uthe ubeya esikoleni eyobona umsebenzi kaPhumlani ebuza nothisha ukuthi uqhuba kanjani.
“Bengimgqugquzela ukuthi lungapheli usuku engayiphathanga incwadi. Abazali abangayekeleli yonke into kothisha, ababe yingxenye yemfundo yomntwana,” kusho uZuma.