Izindaba

Usizi uphetha ngezinyembezi umbhiyozo wokuwina kweChiefs

Zimbili Vilakazi|Published

Umufi uNksz Londeka Mbhele

Image: Sithunyelwe

UPHETHE ngemvula yezinyembezi umbhiyozo wokunqoba kweKaizer Chiefs isicoco seNedbank Cup emndenini wakwaMbhele eMthwalume, kubulawa owomndeni ngesihluku.

UNksz Londeka Mbhele (24) ushonele emtholampilo wendawo, kulandele ukuphuthunyiswa khona, emva kokugwazwa uyise wengane obeshayela amatekisi aKwaSanti, ePinetown. 

Ngokusho kukamfowabo kamufi, uMnuz Sanele Mbhele, okhulume neSolezwe izolo, isigameko senzeke ngabo-7 ebusuku, kungakapheli nasikhathi esingakanani leli qembu liqukule indebe. 

“Besikade sisemnyango sizibhiyoza, siqhumisa iziqhumane, sishaya ne-hoot yemoto ngesikhathi kungena ucingo kwiselula kaLondeka. Simuzwe ephendula ethi usekhaya nomndeni wakhe. Emva kwalapho simbone esenyamalele,” kusho uMbhele.

Uthe kuphele imizuzu embalwa, babona ngaye engena ngesango egijima, ethi umsolwa (amgagule ngegama) uyamgwaza,” kubeka uMbhele, othe uqaphele ukuthi ngesikhathi efika ema eduze kwakhe, ubopha entanyeni ecindezele inxeba ngesandla.

Uqhube wathi uzingenele emotweni, bamphuthumisa emtholampilo, nakhona wafike wazikhulumela nabahlengikazi, ethi: “ngicela ningisize ngokushesha, ngiyafa”. 

Uveze ukuthi abahlengikazi bamthathe masinyane ukuyomxilonga, ngesikhathi yena esematasa nokumvulela ifayela.

“Ngibizwe udokotela ngisekhona lapho emafayeleni, waqinisekisa ukuthi ngihlobene naye, maqede wangitshela ukuthi usevele washona,” kusho uMbhele.

Uthe isigameko siyiguqule ngemizuzwana injabulo yabo.

“Indlela ebesizijabulele ngayo. Ibhola besilibuka ndawonye siyizelamani, sizidlela ama-snacks no-drink ngoba sonke kasibuphuzi utshwala. Besilokhu sixhumana ngisho nanomfowethu obesemsebenzini, sipiklelana ngokuthi ubani ozowina. Bekuthi uma kungena igoli, sifonelane, kube yilowo nalowo athi yiqembu lakhe elizowina ekugcineni,” kusho uMbhele. 

Udalule ukuthi umufi ubatshele ngesonto eledlule ukuthi usehlukene nomsolwa, wathi babanga ukuthi akasazenzi izimfanelo zendodakazi yabo eneminyaka emithathu.

“Uze waveza nokuthi usemyalele ukuthi ambuyisele ne-sim card yakhe kodwa yena wavele wamthumelela isikibha sakhe (umsolwa), waqamba amanga wathi uyisonge ngaso,” kulandisa uMbhele.

Uthe yiso lesi sikibha abasithole endaweni yesigameko sebebuya esibhedlela.

“Sisola ukuthi ngesikhathi eya kuye emva kokumfonela, uphume naso isikibha, ngenhloso yokumbuyisela sona,” usho kanje. 

Uthe okunye abaphinde bakuqaphela sebebuya esibhedlela, ucezu lommese ophukile, odwebe isithombe sokuthi umgwaze waze waphuka. 

Uveze ukuthi emva kwesigameko, umsolwa ongowokuzalwa endaweni kodwa osehlala nonina eLuganda, ubefike endaweni ngetekisi ayishayelayo, waphinde wabaleka ngayo.

Kuvela ukuthi ugcine ezinikela emaphoyiseni aseMariannhill ngoMsombuluko. 

UMbhele uthe bakhumbula isigameko esisodwa sodlame esenzeka ebudlelwaneni bukamsolwa nomufi, esafunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN).

“Wavakashela udadewethu endaweni ehlala izitshudeni, baxabana, wambulalela i-laptop neselula. Ngaleso sikhathi umfowethu omdala wamyalela ukuthi ahlukane phansi noLondeka, kwangathi bayahlukana kodwa babuye babuyelana,” kusho yena.

Uveze ukuthi bebeyizithandani ezaqala umjolo wazo zisafunda emazingeni aphezulu, njengoba babefunda ekilasini elilodwa.

Ubalule ukuthi umsolwa wasishiya phansi isikole kwa-matric, umufi waqhubeka waze wagogoda ezifundweni zoMthetho e-UKZN, ngo-2023, wathi ubengakawutholi umsebenzi awufundele, ebamba amatoho uma ethuke eqhamuka ezitolo. 

Uveze ukuthi bayabufuna ubulungiswa ngodadewabo ukuze baphole.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe amaphoyisa aseHibberdene abophe owesilisa ngecala lokubulala owesifazane (24). 

"Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseTutor namuhla," kusho uMagwaza.

Uthe imibiko ithe umsolwa ugwaze umgilwa emva kwengxabano, waphuthunyiswa esibhedlela, lapho afike washonela khona.