UFUNA ubulungiswa umndeni waseMaphephetheni, eNanda, umfundi ezibulala emva kokukhala ngokuthunjwa nokudlwengulwa ngabasolwa abaziwayo abasebenza embonini yamatekisi.
U-Athabile Khanyi (17) obefunda uGrade 11 esikoleni iMakhapha Combined endaweni, ushonele esibhedlela esiKwaMashu, iDkt Pixley Ka-Isaka Seme Memorial ngoLwesine, kulandela ukuphuza inqwaba yamaphilisi.
Elandisa ngesehlo udadewabo kamufi, uNksz Ntombifikile Mthembu, uthe abasolwa ababili, abagagule ngamagama umufi, bamthumba ngetekisi umufi ngoJuni 6, 2025, bemfica ezimele esitobhini.
“Baze bambuyisa ngoMsombuluko (Juni 9). Wafika ekhaya watshela umndeni ukuthi ubethunjwe obani futhi bamdlwengula beshintshana ngaye,” kusho uNksz Mthembu.
Uthe umndeni awuzange ukuthathele phezulu owawukutshelwa umufi, uzitshela ukuthi uqamba amanga, ubeziyele ezindaweni zakhe.
“Ebona ukuthi akekho omkholwayo, uvele waya emzini kanina, oseduze nasekhaya. Wafike wabhala incwadi echaza ngakho konke okumehlele, wase ephuza inqwaba yamaphilisi,” kusho yena.
Uthe kwase kuyizikhathi zantambama ngesikhathi unina emfica esesimweni esibi kodwa esaphila.
“Waphinde washo ukuthi kwenzekeni kodwa ebonakala ukuthi uxinekile ngoba ephalaza ngakho wonke umuntu ngaleso sikhathi wayesekhathazeke ngesimo sempilo yakhe,” usho kanje.
Uthe unina wathola nencwadi lapho umufi ayechaza ngakho konke okumehlele.
Uveze ukuthi bamyisa emtholampilo wendawo, owathi uma umhlola wathola ukuthi usechama igazi, wamdlulisela esibhedlela iMahatma Gandhi Memorial, sona esamdlulisela eDkt Pixley Ka-Isaka Seme Memorial ngoLwesithathu.
Umufi ugcine eshonela kulesi sibhedlela ngoLwesine. Kuthiwa abezempilo bathe isibindi sakhe sivele sehluleka, ngenxa yobuningi bamaphilisi awaphuzile.
Kuphinde kwavela nokuthi kukhona izidakamizwa abasolwa abamgxisha zona ngesikhathi bemthumbile.
“Kuvele nokuthi ubedlwenguliwe ngempela ngabantu abehlukene,” kusho uNksz Mthembu, lokhu kufakazela akushilo encwadini umufi, njengoba ethe babeshintshana ngaye.
“Sibuhlungu ngokwenzeke ku-Atha. Okusiphatha kabi kakhulu ukuthi abasolwa bayaqhubeka nempilo yabo sengathi abenzanga lutho olubi,” usho kanjena.
Uthe omunye umsolwa usebenza erenki yamatekisi eMaphephetheni, kuthi omunye abe wusicabha.
“Sibona sengathi amaphoyisa asicekela phansi. Bonke ubufakazi abunikiwe kodwa awababophi abasolwa. Uma siwabuza athi asaphenya noma asizibe. Asazi ukuthi yini ayiphenyayo,” usho kanje.
Kuthintwa usihlalo wophiko lwabesifazane iCivil Society esifundeni seTheku, uNksz Nokuthula Cele, uthe badumele futhi bacasukile ngesenzo sabasolwa.
Uthe okubakhathazayo ukuthi akuqali ukuthi babikelwe ngesigameko salolu hlobo eMaphephetheni.
“Sibuya siphindelela ngezehlakalo zalolu hlobo kule ndawo. Okubi ukuthi asibuboni ubulungiswa. Amacala ayalandelelwa kodwa kungafinyelelwa esiphethweni. Umnyakazo size siwubone uma udaba silusukumela siyizinhlaka ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane,” kusho uNksz Cele.
Uthe bengomama sebeyasaba ukuthuma izingane zabo ezitolo.
“Indawo yaseMaphephetheni isemakhaya kodwa inezigameko ezinyantisa igazi,” usho kanje.
Ukhale nangedlanzana eleseka abantu abasuke besolwa ngobugebengu obubucayi endaweni, kubona wabalula imindeni yabasolwa nabelaphi bendabuko.
“Izinyanga nabelaphi abayeke ukunika abasolwa ngamacala umuthi wokuthi baphume phambili emacaleni. Ngalokho babulala amandla ethu siyizinhlaka ezilwa nesihlava. Ngaphezu kwalokho, abehlukene nabantu ababulala abagilwa bephila,” kubeka uNksz Cele.
Uthe uhulumeni akalungise eyokuphuza ukuphuma kwemiphumela yolibofuzo ngoba nayo iba nomthelela emacaleni afuze lawa.
Ukhale nangamadoda angafuni ukuzibandakanya emibhidlangweni yokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Uthe namuhla - umphakathi okuhamba phambili kuwo abafundi - uzoba nokhukhulelangoqo wemashi, waveza ukuthi izosuka enkundleni yezemidlalo endaweni iya erenki yamatekisi, lapho okuthiwa kusebenza khona abasolwa, bese iphetha esiteshini samaphoyisa eNanda, ukuyowanika uhlu lwezikhalazo
Sishicilele amaphoyisa engakaphenduli imibuzo mayelana nalesi sehlakalo.